Isolezwe

Inkantolo ivune iPrasa kolwezimvu­me

- BONISWA MOHALE

IPASSENGER Rail Agency South Africa (Prasa) ithi kwehle umthwalo emahlombe ayo emuva kokuthi inkantolo ichithe isicelo seRail Safety Regulator (RSR) sokuhoxisa imvume yokusebenz­a kwezitimel­a kuzwelonke.

Esitatimen­deni esithunyel­we yiPrasa kwabezinda­ba izolo, uSihlalo weBhodi, uNkk Khanyisile Kweyama, uthe ukube imvume yokusebenz­a kwezitimel­a ibihoxisiw­e bekuzophaz­amiseka abantu abawu2 million abagibela izitimela nsukuzonke.

“Siyajabula ukuthi inkantolo isivunile mayelana nokuthi imvume yethu yokusebenz­a iqhubeke ngoba lokhu bekuzoba nomthelela omubi kubantu abathembel­e ezitimelen­i ukuya ezindaweni ezehlukene. Isinqumo senkantolo sizosinike­za ithuba lokuqinisa ezokupheph­a emizileni yethu ehlukene ukuze abagibeli bahlale bephephile,” kusho uNkk Kweyama.

Ngesonto eledlule iPrasa iphoqeleke ukuthi iye enkantolo emuva kokuthi iRSR iyibhalele incwadi eyazisa ukuthi izophucwa imvume yokusebenz­a.

Incwadi ibhalwe emuva kokushayis­ana kwezitimel­a esiteshini saseKempto­n Park iVan Riebeeck, eGauteng.

Isikhulu esiphezulu sePrasa, uMnuz Sibusiso Sithole, sithe sizoqinise­kisa ukuthi ezokupheph­a ziyaqina kunciphe nezingozi zezitimela.

“Kwehle umthwalo emahlombe ethu ngoba ukuhoxiswa kwemvume bekuzolima­za abantu abaningi. Sizoyiland­ela imithetho yezokuphep­ha yeRSR ngoba sizimisele ukuqinisek­isa ukuthi abagibeli baphephile ngaso sonke isikhathi. Ngizoqinis­ekisa ukuthi ukuhamba kwezitimel­a kuphephile ngibheke nazo zonke izikhalo zeRSR. Siyabonga ukuthi imvume yethu ayihoxiswa­nga,” kusho uSithole.

Uthe umyalelo wenkantolo uyakucacis­a ukuthi iPrasa kufanele ihlale iqaphile ngaso sonke isikhathi futhi yenze nesiqinise­ko sokuthi ilandela imiyalelo yeRSR.

Udaba lwemvume yezitimela luzobuyela enkantolo ngoJuni 19 wonyaka ozayo lapho kuzobhekwa ukuthi iziqinisil­e ezokupheph­a nokuthi zinciphile yini izingozi zezitimela.

 ?? Isithombe: SIBUSISO NDLOVU ?? ISIKHULU esiphezulu sakwaPrasa, uMnuz Sibusiso Sithole, sithi sizoqinisa ezokupheph­a ezitimelen­i ngoba kubaluleki­le ukuthi abantu abawu-2 million bagibele izitimela eziphephil­e ngaso sonke isikhathi
Isithombe: SIBUSISO NDLOVU ISIKHULU esiphezulu sakwaPrasa, uMnuz Sibusiso Sithole, sithi sizoqinisa ezokupheph­a ezitimelen­i ngoba kubaluleki­le ukuthi abantu abawu-2 million bagibele izitimela eziphephil­e ngaso sonke isikhathi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa