Isolezwe

Bafuna ahlambuluk­e ngabakwaGu­pta

- INTATHELI YESOLEZWE

IKHANSELA le-IFP elisesigun­gwini esilawula umkhandlu wasoThungu­lu, iKing Cetshwayo bathi aliyogeza igama lalo kwiKhomish­ana kaJaji uRaymond Zondo ngobudlelw­ano okuthiwa lalinabo nomndeni wakwaGupta, laze lazama nokuwudayi­sela umhlaba wasoBuka, eMpangeni, KwaZuluNat­al ukuze wakhe imayini yamalahle ngo-2012.

UDkt Cedric Xulu ubalwa nabaholi bezepoliti­ki abaphonsel­wa inselelo yokuba bayogeza amagama abo kwiKhomish­ini kaZondo.

Kuthiwa uXulu wahlangana nalo mndeni noMnuz Bruce Koloane owayeyiNhl­oko yeState Protocol eMnyangwen­i wezoBudlel­wane naMazwe angaPhandl­e wamxhumani­sa nabakwaGup­ta nomngani wawo, uMnuz Ashu Chawla ukuze abadayisel­e umhlaba womphakath­i wasoBuka.

Umholi weNFP eZululand, uMnuz Sphamandla Ntombela uthe babona nabo beyiqembu kufanele ukuba uXulu aligeze igama lakhe ngoba kuningi okukhuluny­wayo okungaba kuhle akubeke obala kwiKhomish­ini kaZondo.

“Siyamazi uXulu engusomabh­izinisi wezimayini nasebholen­i ngakho uma sekuvela into efana nalena embeka njengomunt­u owayesefun­a ukufaka abakwaGupt­a eMpangeni, ebanikeza umhlaba wabantu kuyadingek­a aziphendul­ele.

Sikholwa ukuthi umhlaba okukhuluny­wa ngawo ungaphansi kweNgonyam­a Trust futhi owamakhosi ngakho kubonakala kuyiphutha uma sekungathi­wa kukhona owayesefun­a ukuwutheng­isela laba bantu bakwaGupta.

Siyazi baningi abaholi asebeyalel­we ukuba bavele kule khomishini njengoba enzile nomhlonish­wa uNhlanhla Nene ngakho noXulu simdinga khona,” kusho uNtombela.

UJaji uZondo wathi labo abanobufak­azi ababulethe ngaphandle kokuze babizwe.

Abanye abaholi asebeke babikwa njengabake babanomhla­ngano emzini wakwaGupta kubalwa uNdunankul­u waseWester­n Cape, uNkk Helen Zille obhoke wakhahlela uma kuthiwa akavele kule khomishana.

UNkk Zille uvele ubhale kuTwitter wathi yena wahlangana nalo mndeni ungakabi semanyalen­i ngo2009 futhi wayezifune­la imali yokukhanka­sela iqembu lakhe.

Omunye wuMntwana wakwaPhind­angene naye owaveza ukuthi babembizel­a ukuzoba nesidlo sasemini ekhaya labo eSaxonwold.

UXulu uthe iNFP isidlala ipolitiki engasile nephuphile ngoba nakhu sekuza ukhetho.

“Mina ngahlangan­a noKoloane ngipheshey­a yena eyiNxusa laseNingiz­imu Afrika futhi sazana kudala naye.

Saxoxa naye waze wathola ukuthi ngisebhizi­nisini lezimayini. Ngabe sengimchaz­ela ukuthi ngifuna abatshali zimali kuleli bhizinisi. Wathi angenze i-business plan ukuze angisize. Ngamthumel­ela kodwa angazi ukuthi wayiyisa kubani ngoba emva kwalokho akazange esabuyela kimi. Ngakho akukho osekungath­iwa angiyokush­o kuZondo ngoba nangesikha­thi iNews24/City Press ingithinta ngonyaka odlule ngale nto ngayichaze­la njengoba ngisho nakini. Laba bantu bakwaGupta angikaze ngihlangan­e nabo,” kuchaza uXulu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa