Bafuna ahlambuluke ngabakwaGupta
IKHANSELA le-IFP elisesigungwini esilawula umkhandlu wasoThungulu, iKing Cetshwayo bathi aliyogeza igama lalo kwiKhomishana kaJaji uRaymond Zondo ngobudlelwano okuthiwa lalinabo nomndeni wakwaGupta, laze lazama nokuwudayisela umhlaba wasoBuka, eMpangeni, KwaZuluNatal ukuze wakhe imayini yamalahle ngo-2012.
UDkt Cedric Xulu ubalwa nabaholi bezepolitiki abaphonselwa inselelo yokuba bayogeza amagama abo kwiKhomishini kaZondo.
Kuthiwa uXulu wahlangana nalo mndeni noMnuz Bruce Koloane owayeyiNhloko yeState Protocol eMnyangweni wezoBudlelwane naMazwe angaPhandle wamxhumanisa nabakwaGupta nomngani wawo, uMnuz Ashu Chawla ukuze abadayisele umhlaba womphakathi wasoBuka.
Umholi weNFP eZululand, uMnuz Sphamandla Ntombela uthe babona nabo beyiqembu kufanele ukuba uXulu aligeze igama lakhe ngoba kuningi okukhulunywayo okungaba kuhle akubeke obala kwiKhomishini kaZondo.
“Siyamazi uXulu engusomabhizinisi wezimayini nasebholeni ngakho uma sekuvela into efana nalena embeka njengomuntu owayesefuna ukufaka abakwaGupta eMpangeni, ebanikeza umhlaba wabantu kuyadingeka aziphendulele.
Sikholwa ukuthi umhlaba okukhulunywa ngawo ungaphansi kweNgonyama Trust futhi owamakhosi ngakho kubonakala kuyiphutha uma sekungathiwa kukhona owayesefuna ukuwuthengisela laba bantu bakwaGupta.
Siyazi baningi abaholi asebeyalelwe ukuba bavele kule khomishini njengoba enzile nomhlonishwa uNhlanhla Nene ngakho noXulu simdinga khona,” kusho uNtombela.
UJaji uZondo wathi labo abanobufakazi ababulethe ngaphandle kokuze babizwe.
Abanye abaholi asebeke babikwa njengabake babanomhlangano emzini wakwaGupta kubalwa uNdunankulu waseWestern Cape, uNkk Helen Zille obhoke wakhahlela uma kuthiwa akavele kule khomishana.
UNkk Zille uvele ubhale kuTwitter wathi yena wahlangana nalo mndeni ungakabi semanyaleni ngo2009 futhi wayezifunela imali yokukhankasela iqembu lakhe.
Omunye wuMntwana wakwaPhindangene naye owaveza ukuthi babembizela ukuzoba nesidlo sasemini ekhaya labo eSaxonwold.
UXulu uthe iNFP isidlala ipolitiki engasile nephuphile ngoba nakhu sekuza ukhetho.
“Mina ngahlangana noKoloane ngiphesheya yena eyiNxusa laseNingizimu Afrika futhi sazana kudala naye.
Saxoxa naye waze wathola ukuthi ngisebhizinisini lezimayini. Ngabe sengimchazela ukuthi ngifuna abatshali zimali kuleli bhizinisi. Wathi angenze i-business plan ukuze angisize. Ngamthumelela kodwa angazi ukuthi wayiyisa kubani ngoba emva kwalokho akazange esabuyela kimi. Ngakho akukho osekungathiwa angiyokusho kuZondo ngoba nangesikhathi iNews24/City Press ingithinta ngonyaka odlule ngale nto ngayichazela njengoba ngisho nakini. Laba bantu bakwaGupta angikaze ngihlangane nabo,” kuchaza uXulu.