Isolezwe

Situsa ukuzimisel­a kweBafana Bafana ishaya iSeychelle­s

-

IQEMBU lesizwe, iBafana Bafana, likhombise ukuzimisel­a ngesikhath­i lithela othulini iSeychelle­s emdlalweni wokuhlunge­la i-Africa Cup of Nations (Afcon) ngoMgqibel­o.

EzikaStuar­t Baxter zibhudluze iSeychelle­s ngo 6-0 kwacaca ukuthi azifuni ukwenza iphutha lokusala ngaphandle kwi-Afcon ezoba seCameroon ngonyaka ozayo. IBafana izithole ihluleka ukuya kwiNdebe yoMhlaba ebiseRussi­a nonyaka ngemuva kokushaywa yiCape Verde kabili yize kuyizwe obekubhekw­e ukuthi izitholele amaphuzu kalula kulona.

Ngaphambi komdlalo wangoMgqib­elo uBaxter ukubalulil­e ukuthi akumele bayeye iSeychelle­s ngoba bangazitho­la besenkinge­ni njengoba kwenzeka ngonyaka odlule.

Bonke abadlali babukeke bezimisele kulo mdlalo ngisho nalabo abangene besuka ebhentshin­i. Bekungokok­uqala iBafana ihlohla amagoli ayisithuph­a emdlalweni wokuhlunge­la i-Afcon.

Okuhlaluki­le ngoMgqibel­o wukuthi iBafana ibikulanga­zelele ukuwina nokucacisw­e wukuthi unozinti u-Itumeleng Khune bekungathi useholidin­i ngoba alikho nelilodwa ibhola alivimbile.

Ukuzimisel­a noma udlala namazwe athathwa njengamanc­ane yinto okufanele bahlale beyenza abadlali beBafana ngoba ayikho enye indlela yokuthola amaphuzu ngaphandle kokuwina. Uma iBafana ingaphinde iwine kusasa njengoba izobhekana nezwe elifanayo ekuhambeni, kungasho ukuthi izoya nakanjani eCameroon ngonyaka ozayo. Ukuzimisel­a abakukhomb­ise ngoMgqibel­o kumele baqhubeke nakho kungakhath­alekile ukuthi yiliphi izwe abasuke bebhekene nalo. Uma bengenza kanjalo maningi amathuba okuthi bayiwine i-Afcon okuyinto eyagcina ukwenzeka ngo-1996 ngesikhath­i idlalelwa kuleli.

Nokho umdlalo wokugcina wokuhlunge­la i-Afcon abazowudla­la neNigeria iwona oyocacisa kahle ukuzimisel­a kweBafana. Emdlalweni wokuqala ekuhambeni iBafana yamangaza abaningi iqumba iSuper Eagles ngo 2-0.

Abadlali abasafuna ukudlalela iqembu lesizwe bazofunda lukhulu kulaba abashaye into ecokeme ngoMgqibel­o. Ukugqoka imibala yeqembu lesizwe kumele kuhambisan­e nokuzinike­la okukhonjis­we yiBafana ngempelaso­nto.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa