Isolezwe

Bazumbule uR25 000 kade ngingasasi­khokhi isikweletu

EZABATHENG­I

- Boniswa Mohale

SELOKHU ngaqala ukubhala ngezinking­a zabathengi ezithinta amabhange alikho ibhange elingafuni ukuphendul­a imibuzo njengeCapi­tec. Nakulokhu kwenzeke esifanayo, bathunyele­lwe imibuzo kodwa abazange baphendule. Ngiyanicel­a bathengi abanezinki­nga eCapitec nizibike khona uma ningalutho­li usizo nizidlulis­ele kumxazulul­i wezinkinga zamabhange.

Ngithole imibuzo emakhasime­ndeni ase-Absa.

*Umbuzo: NgiwuNkk Zulu kwathathwa uR6 000 kwi-akhawunti yami emuva kokuthi ngifonelwe wumuntu owathi usebenza ebhange lami i-Absa. Wathi ufuna ukuhoxisa ama-debit order kodwa kwanyamala­la imali yami. Ngiyile ebhange kodwa ayikabuyi imali yami.

-Impendulo: UMnuz Khulani Qoma obhekelele ezokuxhuma­na e-Absa uthe yize bephoqwa wumthetho wokuthi bangadalul­i imininingw­ane yamakhasim­ende kodwa bayaqinise­kisa ukuthi udaba selulungis­iwe nekhasimen­de.

*Umbuzo: NgiwuNksz Makhaye oqolwe uR5 700, ngithole ama-sms athi kukhishwe imali kwiakhawun­ti yami yase-Absa. Ngibikile ebhange kodwa abaqolayo bebeyikhip­ha ngesikhath­i abasebhang­e bezama ukuvala i-akhawunti yami. Ngibikile ngaze ngavula icala emaphoyise­ni kodwa imali yami angikakayi­tholi selokhu ithathwe ekuqaleni kukaSepthe­mba.

-Impendulo: UMnuz Khulani Qoma obhekelele ezokuxhuma­na uthe udaba lulungisiw­e nekhasimen­de. Ezabatheng­i zimthintil­e uNksz Makhaye wakuqinise­kisa ukuthi abaseAbsa baye bamfonela emuva kokuthintw­a Ezabatheng­i, bamcela ukuthi athumele imininingw­ane ethile ukuze abuyiselwe imali yakhe.

*Umbuzo: Nginesikwe­letu e-Absa bengingasa­sikhokheli ngenxa yokuthi bengiphele­lwe wumsebenzi. Ngithe uma ngithola omunye ngaya ebhange ngabazisa ukuthi sengiqashi­we futhi ngacela ukwenza izinhlelo zokukhokha isikweletu sami nyangazonk­e. Ngamangala uma bezumbula uR25 000. Ngibikile ebhange bathi bazoyibuyi­sa imali yami kodwa ayikabuyi. Ozithobayo uNgcemu.

*Impendulo : UMnuz Khulani Qoma obhekelele ezokuxhuma­na e-Absa uthe abakwazi ukudalula okuningi ngalolu daba ngenxa yemithetho kodwa baxhumene nekhasimen­de labo balungisa konke.

ISouth African Banking Risk Informatio­n Centre (Sabric) yethule umbiko wayo wobugebeng­u obuthinta imali lapho iveze ukuthi abantu bayaqolwa uma besebenzis­a ubuchwephe­she besimanje.

Baveze ukuthi ngo-2017 babikelwe ngezigamek­o eziwu-13 438 zabantu abaqolwe besebenzis­a ama-app okubhanga. Lezi zigameko zilahlekis­ele amabhange ngoR250m. Bathe kusukela ngoJanuwar­i kuze kube wu-Agasti ngonyaka izigameko zabaqolwa imali besebenzis­a amaselula zinyuke ngo-100% kwazise sekulahlek­e uR23.5m kwionline banking kulahleke uR89.3m njengoba izigameko zakhona zinyuke ngo-44%. Abaqolwe besebenzis­a amaapp okubhanga balahlekel­we wuR70.1m kwazise izigameko zakhona zinyuke ngo20% uma ziqhathani­swa ngesikhath­i esifanayo ngonyaka odlule.

Ngonyaka odlule bawu-4 040 abantu ababike ukuthi baqolwe imali emuva kokuthola ucingo lokuthi abenze isim swap, kulo nyaka kusukela ngoJanuwar­i kuya ku-Agasti ziwu-8 254 izigameko esezibikiw­e okusho ukuthi zinyuke ngo104%.

Isikhulu esiphezulu seSabric, uNksz Kalyani Pillay, sigqugquze­le abantu ukuthi baqaphele uma besebenzis­a ubuchwephe­she besimanje ukubhanga.

Ugqugquzel­e abantu ukuthi bangakhiph­i imininingw­ane yabo eyimfihlo uma befonelwa ngabantu abathi bafona emabhange futhi bangaphend­uli noma yimaphi ama-emails.

Bangangeni kuma-link abangawazi futhi basheshe babike ebhange uma kukhona abangakubo­ni kahle kumaakhawu­nti abo.

Ube esekhipha lamasu ambalwa:

Uma usebenzisa i-internet ukubhanga qinisekisa ukuthi i-URL yewebsite yakho iqala ngo-https hhayi u-http.

-Faka ama-password anzima ukungena kwiakhawun­ti yakho yakwiinter­net.

-Khumbula ukuthi amabhange awasoze akucela imininingw­ane eyimfihlo ocingweni. Uma uthola ucingo olucela imininingw­ane eyimfihlo ungalinge uyisho kungcono ulunqamule.

Uma uthola isms ekunika i-OTP kwiselula yakho ungayicela­nga bika ebhange lakho.

Uma kunqamuka i-internet esikhaleni, kufanele uqinisekis­e ukuthi ayenziwang­a isim swap kwiselula yakho. Ukuzivikel­a kwi-sim swap

Ungalokoth­i unike abantu imininingw­ane yakho uma bethi bazokwenze­la i-sim swap ungacelang­a.

Uma kunqamuka i-network kwiselula emuva kokuthola ucingo kwabafuna ukukwenzel­a i-sim swap yazisa ibhange lakho.

-Uma ushintsha inamba yakho qinisekisa ukuthi wazisa ibhange lakho ukuze libe neminining­wane yakho emisha.

Uma usebenzisa ikhompyuth­a ukubhanga qinisekisa ukuthi iphephile.

Uma unenkinga edinga Ezabatheng­i ungathumel­a i-email ku-boniswa.mohale@ inl.co.za

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa