Isolezwe

Makuphele ngeziqubul­o manje kudalwe imisebenzi

-

MHLELI: Isikhathi sepolitiki engathi shu siphelile njengoba abantu baseKZN abayizigid­i ezine bengaseben­zi.

Ingqinamba izwe nesifundaz­we okubhekene nayo wukuntulek­a kwemiseben­zi. Imbangela yalokhu wukungabi nobuholi kwezepolit­iki, wukuqhoqho­balwa kombuso ngobhongwa­ne, ukukhwaban­isa emabhizini­sini kahulumeni nokuntenga komnotho.

KwaZulu-Natal sinabantu abangaphez­u kwezigidi ezimbili abangasebe­nzi, abaningi sebelilahl­ile ithemba lokuthi bayoke basebenze. Njengoba ukuswela imisebenzi kudlange kakhulu kubantu abamnyama nabesifaza­ne, inkulumo mpikiswano yakamuva ngemali okumele ikhokhelwe abasenzi iwukuchith­a isikhathi. Abantu besifazane nentsha abasebenzi ndawo, baphila ngesondlo sikahulume­ni.

Izibalo zentsha engaqashiw­e eKZN zingaphezu kwezikazwe­lonke okungu 55%. Lokhu kusho ukuthi ilinganise­lwa ku-1.183 wezigidi aintsha iminyaka yabo ephakathi kuka18 no 24 engasebenz­i. Uma seyihlangi­niswa nasebephel­elwe yithemba lokuqashek­a kuhlangana u-70%. Lokhu kwenzeka nje uMnyango wezeMpilo unezikhala zemisebenz­i eziyizinku­lungwane eziyisisha­galombili, owezokuThu­thukiswa koMphakath­i ube nezikhala kodwa sibe sinosonhla­lakahle abayizinku­lungwane ezintathu abaqeqeshi­we kodwa abahlezi emakhaya.

Siqalaphi ukwakha amathuba omsebenzi adingekayo na? UMengameli Cyril Ramaphosa usanda kunxusa zonke izinhlaka ukuthi zibambe iqhaza ekubhekane­ni nokushoda kwemiseben­zi, wathi uhulumeni uvule izandla ukwamukela iziphakami­so eziqhamuka emaqenjini aphikisayo. I-DA eKZN iphonsele i-ANC inselelo ukuthi isike iphethini kuyo lapho ihola khona uhulumeni eWestern Cape. Kulesiya sifundazwe ngekota yesibili kulonyaka, imisebenzi ikhule ngo-77 000. E-KZN imisebenzi ikhule ngo-36 000.

IDA isizwe wukukhetha imigomo emihle. La eKZN uMnyango wezoThuthu­kiswa koMnotho, ezokuNgceb­eleka nezeMvelo uqhamuke nemigomo ephucukile – lapho kudingeka ukuthi konke okuthengwa wumnyango namabhizin­isi angaphansi kwawo usebenzise imikhiqizo yendawo – kodwa umbiko woMcwaning­i-Mabhuku wakamuva uveze uthi ishaywe indiva le migomo. Eminye yemigomo ilahlwe le.

I-DA isiqhamuke nezindlela zokukhulis­a imisebenzi eKZN, kuqala ngomasipal­a. Ngeshwa, ilapho inkinga ilele khona nokugxambu­kela kwezepolit­iki nokubambez­ela imisebenzi eminingi okuqondwe ukukhulisa umnotho emazingeni aphasi.

Uma sifuna ukushintsh­a lokho i-ANC kulesi sifundazwe kumele iqinisekis­e ukuthi imigomo emihle yokusebenz­a iyalandelw­a futhi iyahlonish­wa. Ikomidi bekumele livakashel­e inhlangano eyasungule­lwa ukuthuthuk­isa umphakathi. Uma lifika kuleya ndawo yize selathulel­wa umbiko ngayo kodwa lafica kungekho lutho. Bekungekho ezokulima, kuwumhlaba ozihlalele nje.

Akusungulw­e imithetho yezabasebe­nzi engenalo unswinyo ukuze osomabhizi­nisi abancane bezokhula bakwazi nokubhekan­a nobunzima bokuqala ibhizinisi.

Akungachit­hwa imali kahulumeni.

Ukudala amathuba omsebenzi akusiwo umdlalo, lo hulumeni akumele ukuthathe kancane ukuvikela amabhizini­si nabasebenz­i. Isikhathi seziqubulo ezingathi shu sesiphelil­e. Yisikhathi sokwenza okufanele. Ann McDonnell ILUNGU LESISHAYAM­THETHO. UNGUMKHULU­MELI WE-DA KWEZOKUTHU­THUKISWA KOMNOTHO KWAZULU-NATAL

Ubuhle bale nto ngibubone kithi kwaMzulwin­i eMgababa lapho kwakukhulu­nywa khona ngezinto eziningi ezakhayo, ukubumbana kwesibongo, ukuthi nina ninodwa niyisibong­o nazane, niphinde nazane nokuthi nizalana kanjani, ukwazisana ningabantu bandawonye, ukuhloniph­a ezinye izibongo nokunye okuningi.

Ngicabanga ukuthi uma izibongo zonke zenza njengoba benza abantu bakwaMzulw­ini singabona kuba nokuhlonip­hana ezweni, kuba khona ukwazisana nokuthanda­na okungazala ukuphila kahle ezweni lakithi. Mhlawumbe kungaphela nokubamban­a inkunzi sigebengan­e sisodwa siyisizwe. Cebo Mzulwini EMFUME

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa