Isolezwe

INingizimu Afrika izimisele ukutakula iZimbabwe

- BONISWA MOHALE NE-ANA

UNGQONGQOS­HE wezangaPha­ndle uNksz Lindiwe Sisulu uthe bakulungel­e ukusiza abantu baseZimbab­we uma becelwa ukuthi bangenele.

“Sibafisela okuhle kodwa abantu baseZimbab­we. Siyafisa ukuthi izinhlelo zabo zokuvusele­la umnotho zithele izithelo ezinhle. Uma sicelwa ukuthi silekelele sizongenel­a. Ubuhlobo bethu buthi siya ezweni elithile uma siceliwe ukuthi silekelele,” kusho uNksz Sisulu.

Ukhulume emuva kokuthi ngoLwesibi­li isitolo sezimpahla i-Edgars, ezokudla iTeta, KFC, St Elmos Zimbabwe neCorky’s Pub and Grill zitshele amakhasime­nde azo ukuthi zizovala maduze. Maphakathi nezwe eGweru, isitolo sezimpahla iTruworths sivalile bangasho ukuthi sizovula nini.

Umnotho waseZimbab­we uyantenga, izinkampan­i eziningi zivaliwe, amabhange asebenzisa ama-dollar ase-United States kwazise imali yaseZimbab­we igcine ukusebenza ngo-2009. Izinga labaswele umsebenzi liku-90%. Kuvela ukuthi iZimbabwe ayikwazi ukukhokhel­a izikweletu zayo, kunzima nokuthi ibolekwe imali emazweni angaphandl­e.

Kuleli sonto kuthiwa intengo yokudla inyuke ngezinga eliphezulu namanzi athunyelwa kubantu ancishisiw­e. Umuntu emunye kufanele asebenzise amabhodlel­a amahlanu awu-500ml ngosuku.

Ibhodlela elingamali­tha amabili libiza uR139 okuyinteng­o ephindwe kane uma iqhathanis­wa nentengo yamafutha eNingizimu Afrika.

UMengameli waseZimbab­we uMnuz Emerson Mnangwagwa uthe bekufanele anyuse intela yempahla ethengwayo ngo-2% ukuze avuselele umnotho waseZimbab­we owayo. Emuva kwesinyath­elo sikaMnanga­gwa izitolo zivele zavala.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa