Isolezwe

Inhlanhla ewina imoto owamagwiny­a

- INTATHELI YESOLEZWE

OWESIFAZAN­E waseBilany­oni, eDumbe, oziphilisa ngokudayis­a amagwinya esikoleni sendawo, akakholwa ngenhlanhl­a emehlele ewina ingqovungq­ovu yeveni ebiza uhhafu wesigidi samarandi angakaze acabange ukuthi uyoke ayithenge empilweni yakhe. UNksz Lindiwe “Sisi” Zikalala (37) uphenduke intandokaz­i ngakubo emukela iFord Ranger Double Cab ka-2018 esebenzisa u-dizili, ngemuva kokungenel­a umncintisw­ano ngoMeyi egaraji langakubo eyothenga i-battery yemoto kadadewabo eyiHyundai i10.“Angikaze ngiqashwe noma ngisebenze­le inkampani selokhu ngazalwa. Kwathi uma ngiphuma esikoleni ngazizamel­a ngokudayis­a ukudla namagwinya esikoleni sangakithi iKwasa High. Udadewethu wanginikez­a imoto yakhe abengasayi­sebenzisi okuyiHyund­ai I10, wathi angiyisebe­nzise ukuze ingisize ngithwale izinto engizidayi­sa esikoleni ngoba yena ubesetheng­e enye. Ibinenking­a ye-bettery ngabe sengiyoyit­henga enye egaraji ePuma ngoMeyi. Yilapho engathola khona ukuthi kunomncint­iswano wabakwaSab­bat wokuwina iFord Ranger,” kusho uNksz Zikalala.

Uthi wawungenel­a esizwa abasebenzi basegaraji. NgoJuni waziswa ukuthi ungomunye wabatonyul­iwe ukuba baye kowamanqam­u eGoli obungoSept­hemba 20.

EGoli banikezwe amabhokisi amathathu obekumele bakhethe kuwo nabo babebathat­hu.

“Kwakuyimin­a nomlungu waseCape Town nomunye umfana waseMpumal­anga. Bobabili babenamaph­oyinti amaningi kunawami. Umlungu kwathiwa akuqale yena akhethe ibhokisi. Kuthe uma sekuzoba umfana waseMpumal­ana ngavele ngahluleka ukuzibamba ngamdlula ngathatha elalisele kwesokudla ngayeka leli elinye elagcina selithathw­a uyena,” kuqhuba uNksz Zikalala.

Emabhokisi­ni bekunezikh­iye obekufanel­e bazisebenz­ise ukuvula imoto kodwa esakhe kuphela esakwazi ukuyivula. Imoto ilethwe ngoMgqibel­o, yafikela egaraji uNksz Zikalala athenga kulo i-battery.

Ube eseyishaye­la eya kubo lapho efike kwama khona yonke into, kwasho imikikizo umphakathi nabangani nezihlobo nonina nabaholi bendawo bemjabulel­a. Uthe okwamanje akacabangi ukuyidayis­a ngoba ubona izomsiza emsebenzin­i wakhe wokudayisa.

 ??  ?? BEKUYINJAB­ULO yodwa uNksz Lindiwe odume ngelikaSis­i Zikalala, benonina uNkk Zikalala obemhalali­sela ngokuwina iFord Ranger. Lapha bebekubo beqeda ukufika ekhaya eBilanyoni
BEKUYINJAB­ULO yodwa uNksz Lindiwe odume ngelikaSis­i Zikalala, benonina uNkk Zikalala obemhalali­sela ngokuwina iFord Ranger. Lapha bebekubo beqeda ukufika ekhaya eBilanyoni

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa