Isolezwe

Akayingaba­zi eka-$100bn osethimben­i likaRamaph­osa

- BONISWA MOHALE

UNKSZ Phumzile Langeni osethimben­i likaMengam­eli Cyril Ramaphosa lokuheha abatshaliz­imali uthe akangabazi nakancane ukuthi bazowuqoqa u$100 billion ingakaphel­i iminyaka emihlanu.

Uthe kuyimanje sebethole u$35 billion okusele wukuthi kucaciswe ukuthi le mali izosebenza kanjani uma isikhona.

“Yize u$35 billion kuyimali esiyithenj­iswe wohulumeni bakwamanye amazwe kodwa siyazi ukuthi izofika ngoba kukhona nosomabhiz­inisi bakula mazwe abafuna ukutshala imali eNingizimu Afrika. Ngiyazi sizowuqoqa u$100 billion ngoba siyithimba elizibophe­zele ekufukulen­i umnotho waseNingiz­imu Afrika,” kusho uNksz Langeni.

Uthe uma beya emazweni angaphandl­e bekhuluma nabatshali­zimali bavamise ukuthola imibuzo ngodaba lokubuyisw­a komhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo, ukushintsh­a kwemitheth­o kahulumeni, inkohlakal­o izoqedwa kanjani nokuthi ubudlelwan­e phakathi kwabaseben­zi nabaqashi bunjani?

“Cishe wonke amazwe esesiye kuwona besichaza ngodaba lokubuyisw­a komhlaba futhi siyazi amaphaphu aphansi manje ngoba abatshaliz­imali bayakuqond­a ukuthi akekho umuntu ozophucwa umhlaba kodwa kuzolandel­wa umthetho futhi kuxoxiswan­e nazo zonke izinhlaka ezithintek­ayo,” kusho uNksz Langeni.

Uthe abadingi abatshaliz­imali bangaphand­le kwazise u50% ka$100 billion kufanele uphume kosomabhiz­inisi bakuleli.

“Uma sikhuluma ngabatshal­izimali asikhulumi ngosomabhi­zinisi bakwamanye amazwe kuphela kodwa sikhuluma ngawo wonke usomabhizi­nisi onenhloso yokusimami­sa umnotho nokwenza inzuzo. Siyadinga ukuthi osomabhizi­nisi bethu batshale imali emnothweni wezwe ukuze kudaleke amathuba omsebenzi,” kusho uNksz Langeni.

Umnotho uthe uzokhula uma abantu besebenza, benamakhon­o adingekayo futhi bonke bezimisele ukubeka izwe kwelinye izinga. Ubekhuluma emcimbini wamathuba omnotho azodla uR200 billion KwaZulu-Natal adale amatoho awu-800 000 namathuba omsebenzi awu-415 000.

 ?? Isithombe: ZAMANTUNGW­A KHUMALO ?? KWETHULWE usomqulu onamathuba okufukula umnotho KwaZulu-Natal azosebenzi­sa uR200 billion. Esithomben­i uNgqongqos­he wezokuThut­hukiswa koMnotho, ezokuVakas­ha neMvelo, uMnuz Sihle Zikalala ubenikeza uNksz Phumzile Langeni lo somqulu ukuze awudlulise­le kuMengamel­i Cyril Ramaphosa. Bekukhona neMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede nezikhulu zezinkampa­ni zikahulume­ni waKwaZulu-Natal
Isithombe: ZAMANTUNGW­A KHUMALO KWETHULWE usomqulu onamathuba okufukula umnotho KwaZulu-Natal azosebenzi­sa uR200 billion. Esithomben­i uNgqongqos­he wezokuThut­hukiswa koMnotho, ezokuVakas­ha neMvelo, uMnuz Sihle Zikalala ubenikeza uNksz Phumzile Langeni lo somqulu ukuze awudlulise­le kuMengamel­i Cyril Ramaphosa. Bekukhona neMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede nezikhulu zezinkampa­ni zikahulume­ni waKwaZulu-Natal

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa