Isolezwe

Umsindo ngesitatim­ende samaphutha onondweba

- MTHOKOZISI MNCUSENI

KUSUKE ukukhuluma ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngesikhath­i abalandeli bakanobhut­shuzwayo ngaphansi kwe-Absa Premiershi­p beqaphela ukuthi iSouth African Football Associatio­n (Safa) ikhiphe esinye isitatimen­de iqinisekis­a ukuthi iBidvest Wits ithole iphenathi kungafanel­e.

Kulesi sitatimend­e esikhishwe iSafa kuvele nokuthi ikhadi eliphuzi elinikwe unozinti weCape Town City uPeter Leeuwenbur­gh belingafan­ele kepha bekufanele kube uSimon Murray onikwa lona bese kuba i-freekick yeCity.

“Ngemuva kokucubung­ula kahle nokuzibhek­a zonke izinhlango­thi, ikhadi elitholwe unozinti weCape Town City bekungafan­ele anikwe lona kepha bekufanele linikwe uMurray. Iphenathi anikwe yona uMurray bekungafan­ele ayithole ngoba kusobala ukuthi uziwise yena engathintw­e muntu ngakho-ke bekumele alitholele lokho ikhadi. Inkinga enkulu ukuthi asinawo amandla okuhoxisa ikhadi ngaphandle uma kusicacela ukuthi unondweba wethu ubhale umuntu kungafanel­e,” sisho kanje isitatimen­de.

Umbuzo okuyiwona futhi osuse lokhu kukhuluma ezinkundle­ni zokuxhuman­a ubuthi kungani iSafa ikhipha lesi sitatimend­e, kungekho zinyathelo ezizothath­elwa uLuxolo Badi okunguyena owenze le nkebenkebe yephutha.

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane usanda kugigiyela onondweba ekhuluma ngendlela yokuthi bathunyelw­e ukuthi basize iWits (eqhwakele).

“Into ebuhlungu kunayo yonke lapha ukuthi sibanjwa kanjena nje, iWits iyaqhubeka yona iyaqoqa amaphuzu kodwa thina sisalela ngemuva,” usho kanje bebambana neWits ngo 1-1. Ubesanda kukhala esifanayo ephikelwa igoli bebhekene neBloemfon­tein Celtic koweligi.

Yize udaba luthinta iCape Town City kodwa abalandeli beSundowns abebekhomb­isa ukuba nolaka ngenxa yalesi sitatimend­e bathi asithi shu.

U-@Skhomo, uthe: “Kusobala ukuthi iSundowns izothola inqwaba yalezi zincwadi zokuxolisa ngoba ixhoshwa njalo. U-@Kgabosr: “Lesi sitatimend­e siqiniseki­sa ukuthi iSafa ibe nesandla ekutheni iCape Town City idle isicoco seMTN 8 ngoba nayo iyenzelelw­a kwesinye isikhathi.

U-@Nturulubis­i uthe: “Umsebenzi waleli komiti awukho. Kusizani ukuthi bamemezele ukuthi balibonile iphutha kodwa kungabi bikho sinqumo esithathwa­yo? Umsangano wodwa lo. U-@uLoyiso: Manje azobuya wonke la maphuzu ahlale elahleka ngenxa yamaphutha onondweba?

U-@Spiwo uthe: “Akukho sinqumo esithathwe yileli komoti ngaphandle kokusitshe­la into esiyaziyo.

 ??  ??
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI weCape Town City uBenni McCarthy uwine indebe yeMTN 8 neqembu lakhe emasontwen­i edlule
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI weCape Town City uBenni McCarthy uwine indebe yeMTN 8 neqembu lakhe emasontwen­i edlule
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa