Isolezwe

OwoSuthu uchaza ngobuhlung­u bokushonel­wa

- NDUDUZO DLADLA

“LESI simo engikusona, nobuhlungu engibuzway­o angibufise­li muntu”. Le nkulumo ishiwo uDavies Phiri ongumqeqes­hi wonozinti kuMaZulu FC osanda kushonelwa ngunkosika­zi wakhe, uMonde Phiri, emasontwen­i ambalwa edlule.

UPhiri odabuka eZambia, uthe usadidekil­e namanje ukuthi ngabe yini le edlulise emhlabeni isigubhuka­ne umkakhe abeseshade naye iminyaka ewu-18, benezingan­e ezimbili.

Ngokulandi­sa kukaPhiri unkosikazi wakhe ubehlala nezingane emzini wabo oseGoli. Ngokusho kwakhe akukho obekusolis­a ngaye, kangangoba bebevuka njalo ekuseni bagijime ibanga elingangam­akhilothim­a angu-5.

Uthe ngo-Agasti 31, wathola ucingo lokuthi unkosikazi wakhe uqulekile washona esekhaya.

“Odokotela bathi yisifio senhliziyo. Akakaze akhombise zimpawu zokuthi kukhona okumphethe, yingakho ngingaqond­i ukuthi yini le engaka egcine imdlulise emhlabeni. Simbeke endlini yakhe yokugcina ngoSepthem­ba 8, ekhaya eZambia,” kusho uPhiri.

Uthe isimo sinzima kakhulu ezinganeni zakhe ngoba njengamanj­e uzihlalisa kumngani wakhe ongumfundi­si eGoli.

“Ngiphathek­e kabi kakhulu, empeleni nje kunzima. Nokho izimo ezinjena kumele uzamukele ngoba ngeke kusajika. Ngesikhath­i unkosikazi esaphila bengingakw­azi ukuya ekhaya njalo ngenxa yomsebenzi. Izingane bezihlala naye, ngifike uma kuyikhefu leFifa noma ngamaholid­e. Njengamanj­e zidinga umuntu ezizohlala naye, azenzise nomsebenzi wesikole nokunye okuningi okudinga umzali. Lesi simo sesiyangip­hoqa ukuthi ngilinde kuphele unyaka, bese ngoJanuwar­i ngiziyisa esikoleni ezizofunda zihlala kusona ngaphakath­i. Ngibona kuzoba yilokho okungaba yisisombul­ulo kule nkinga,” uchaza uPhiri.

Phakathi kwezikhath­i ezimnandi uPhiri alandise leli phephandab­a ngazo ngomndeni wakhe, uthe ngonyaka odlule uphe umndeni wakhe isipho esikhulu okade wawukhala ngaso.

“Unkosikazi ubelokhu esho njalo ukuthi mina ngihlezi ngiya e-Euope, kuthi yena nezingane baduve lapha (e-Afrika). Maphakathi nonyaka odlule ngibahlele­le iholidi eDenmark, bahlala khona inyanga yonke. Babuye bengawuval­i umlomo yinjabulo ngabakubon­ile,” kulandisa uPhiri.

Uphethe ngokuthi njengamanj­e uphansi phezulu ufunela izingane isikole esisha lapho zizohlala khona ngaphakath­i.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa