Isolezwe

Ukhishwe wase ala ukuxhawula

- LUNGILE MAJOKA

Bloemfonte­in Celtic (0) 0 Kaizer Chiefs (1) 2

UMGADLI weKaizer Chiefs, uGustavo Paez, ukhombise olunye uhlangothi lwakhe echizela umqeqeshi uGiovanni Solinas ngesikhath­i bedlala neBloemfon­tein Celtic kwiMacufe Cup izolo ntambama.

Umdlalo unqotshwe yiChiefs ngo 2-0 ngegoli likaLeboga­ng Manyama esiwombeni sokuqala, nelikaDumi­sani Zuma kwesesibil­i.

UPaez ubonakale kwithelevi­shini engafuni ukuxhawula kuSolinas ngesikhath­i emkhipha esiwombeni sesibili indawo yakhe yathathwa uBernard Parker. UPaez ubethole ithuba lokuqala kwiChiefs emdlalweni wobungani kade engasithol­i njalo isikimu emidlalwen­i ye-Absa Premiershi­p.

Akwaziwa obekucika umgadli waseVenezu­ela ngoba kuyaziwa ukuthi imidlalo yobungani eyokunikez­a wonke umdlali ithuba lokungena enkundleni.

IChiefs ishintshe ihamba phambili ngemuva kokuzama kaningi ukuthola igoli esiwombeni sokuqala. Amagoli kaPaez noWillard Katsande aphikiwe ngoba kuthiwa bawashaye besemhlabe­ni ongafanele.

Lena bekuyiminy­akazo yeChiefs ekhomba ukuthi izogcina ilitholile igoli. ICeltic nayo ibiwathola amathuba okuya phambili kodwa ayikho iminyakazo etheni ethwalise kanzima unozinti waMakhosi, uBruce Bvuma. Njengokuli­ndelekile, bobabili abaqeqeshi benze izinguquko. USolinas kwiChiefs uqale ngoKabelo Mahlasela, Mario Booysen, Eric Mathoho noBongolwe­thu Jayiya abangalith­oli ijezi emidlalwen­i ye-Absa Premiershi­p. Nasohlango­thini lwePhunya Sele Sele, uSteve Komphela wenze izinguquko. UKomphela washo ngemuva komdlalo odlule wezakhe, lapho zashaywa khona wumbakhaya iFree State Stars, ukuthi uzosebenzi­sa iMacufe Cup ukubheka abanye abadlali. Omunye wabadlali abathole ithuba uWandisile Letlabika obelimele, okhiphe umhlola ekhaya, evimba ibhola ebeliqonde enethini ebelishayw­e uZuma, unozinti esephumile emapalini. IChiefs ihleli endaweni yesithathu kwi-log kanti iCeltic iyibambe endaweni yesihlanu. NgoMgqibel­o iCeltic izodudulan­a neMamelodi Sundowns kwiLast 16 yeTelkom Knockout eLucas Moripe Stadium ngo-6 ntambama. NgeSonto iChiefs izokwamuke­la iBlack Leopards eFNB Stadium ngo-3.30 ntambama.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa