Ucasulwe wumbuzo ‘ongakhi’
UMQEQESHI weBafana Bafana, uStuart Baxter, unengekile ngesikhathi kuvela umbuzo wokuthi ngabe ucabangani ngomdlalo ozayo neSeychelles ngemuva kokulahla inqwaba yamathuba yamagoli emdlalweni wangempelasonto.
IBafana izigwazele ibhece ihlula iSeychelles ngo 6-0 emdlalweni wokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) eFNB Stadium ngoMgqibelo ntambama. Izimbangi zizophinde zingcweke ekuhambeni kusasa eLinite Stadium ngo-3 ntambama.
I-Afcon ingonyaka ozayo eCameroon. Amazwe azoqeda eseqhulwini emaqoqweni nalawo azolala isibili azoya emqhudelwaneni.
INingizimu Afrika iye emdlalweni iphelezelwa yizinkulumo ezingenayo ukuyethemba ngemuva kokubanjwa ekhaya yiLibya ngenyanga edlule. Abanye bebesangabaza ukuthi iBafana ingakwazi ukunqoba ngendlela egculisayo bekhumbula ukuthi ishaywe kabili yiCape Verde elinye lamazwe angenamlando kunobhutshuzwayo, ngesikhathi kuhlungelwa iNdebe yoMhlaba nyakenye.
Nokho amagoli kaThulani Hlatshwayo, Lebo Mothiba, Percy Tau (ogeje amathuba amabili amahle), Dino Ndlovu, Teboho Mokoena nomkhonto ogwaze ekhaya ngekhanda likaNigel Nigel, aqinisekise amaphuzu amathathu kwezikaBaxter.
“Angisiye umuntu ovame ukubalekela imibuzo kodwa uma uphuma ekubukeleni iqembu lesizwe linqoba ngo 6-0 noma ngabe lidlala nobani, angiwuqondi lo mbuzo ongakhi futhi obuzwa ngendlela engakhi.
Ngiyibukile (iSeychelles) idlala neNigeria. (INigeria) ishaye igoli elihle, elinye kube ele-set piece elinye laqhamuka ngeminyakazo. Sibe namathuba awu-10 kuya ku-15 esiwakhe ngeminyakazo. Besibukhali kumakhona kodwa umbuzo wokuqala engiwutholayo akusiwona owakhayo. Angiqondi. Indlela obuke ngayo umdlalo ayifani neyami,” kusho uBaxter eqondise entathelini ebibuzile.
Uthe indlela eliyiyona ibhola manje umhlaba wonke alikho iqembu okumele libukelwe phansi.
“Kuningi okuhle engizokuthatha emdlalweni. Ngibuke ompetha bomhlaba iFrance bebanjwa ngo 2-2 yi-Iceland kade belandela ngemuva ngo 2-0 sekusele cishe imizuzu emine umdlalo uphele. Siyalazi ibhola lomhlaba linjani. Ukube omunye wezitobha zethu uke wadembesela sazithola silandela emuva ngo 1-0, bekuzofanele silwe kanzima futhi asikaze sikungabaze lokho. Ngakho angikuqondi kungani sinombuzo ongakhi ngalolu hlobo.”
Kuyiwe ekhefini iBafana ihamba phambili ngo 3-0, yabuya yahlohla amanye esiwombeni sesibili.
UBaxter uthe ngaphezu kokushaya amagoli ayisithupha, okumele kushayelwe ihlombe yindlela edlale ngayo.
“Akumele kuthiwe siwine kahle ngenxa yamagoli ayisithupha kodwa kumele kujatshulelwe indlela abadlali abaziphathe ngayo. Bakhombise ukuzimisela, inhlonipho, ukuhleleka balandela amaqhinga ebesiwabekile. Ngisho nalabo esishintshe ngabo nabo benze umsebenzi oncomekayo,” kusho uBaxter.