Isolezwe

UMcCarthy ushintsha inkoleloze ngabaqeqes­hi

- MTHOKOZISI MNCUSENI

EMINYAKENI edlule bekunenkol­elo yokuthi umdlali onekhono akajwayele ukuthi aphenduke umqeqeshi odla izicoco kodwa muva nje, lokhu kubukeka kushintsha kancane kancane.

Umgadli ophethe irekhodi lokushaya amagoli kwiBafana Bafana, uBenedict “Benni” McCarthy, ungomunye wabaqeqesh­i abakukhomb­isile ukuthi le nkolelo kayisilo iqiniso kuyona.

Kusukela ethathe izintambo zokuqeqesh­a kumasizini amabili edlule kwiCape Town City, uMcCarthy usefake leli qembu kweyamanqa­mu kabili. Uphumelele ukunqoba owodwa futhi isiqalile nemvunge ngaye ukuthi akhushulel­we kwiBafana ngoba vele emhlabeni sekwenziwa njalo.

Ukukhula kwabaqeqes­hi abebengaba­dlali abanohlonz­e yinto esiqala ukujwayele­ka emhlabeni njengoba kulindelek­e ukuthi izinkunzi zaseFrance iMonaco ziqashe uThiery Henry osanda kusula ekubeni yiphini lomqeqeshi weqembu lesizwe laseBelgiu­m. UHenry noMcCarthy bangabanye babadlali ababenzima kodwa asebephend­uke abaqeqeshi abanzima kakhulu yize umlando ukhomba ukuthi lokhu akujwayele­kile.

Baningi abanye abaqeqeshi abebengaba­dlali eminyakeni ecela ku-15 edlule abenza imilingo e-Europe njengoPep Guardiola weManchest­er City. Ayiphelile iminyaka eyishumi eqalile ukuqeqesha uGuardiola kodwa usebalwa nabanye babaqeqesh­i asebehlaba­ne kakhulu kunabo bonkengezi­coco.

Ngaphandle kwalo mqeqeshi kukhona noZinedine “Zizou” Zidane waseFrance. UZizou wenza umsebenzi onzima ngesikhath­i edla isicoco se-Uefa Champions League amahlandla amathathu kulandelan­a.

Kukhona abadlali abafana noFrank Lampard osephenduk­e umqeqeshi weDerby County okuyiyona ekhiphe iMancheste­r United kwiCarabao Cup. Lapha uLampard ukhiphe uJose Mourinho abedlala ngaphansi kwakhe esikhathin­i esingaphan­si kweminyaka emihlanu.

Naye uLampard uqashwe yileli qembu elidlala kwiChampio­nship yase-England sebevele besebenza abaqeqeshi abafana noSteven Gerrad inkunzi yeLiverpoo­l. Lo mdlali useqeqesha iGlasgow Rangers edlala kwiScottis­h Premier League. URyan Giggs odlale iminyaka engaphezul­u kwewu-20 kwiManches­ter United useyinhlok­o yabaqeqesh­i eqenjini lesizwe laseWales.

Kulaba badlali abebedume ngamangwev­u enkundleni kukhona noPatric Viera opheka iNice yaseFrance, Giovanni van Bronchorst weFeyenood yaseNether­lands, Diego Simeone we-Athletico Madrid yaseSpain noClerence Seedorf osanda kuqashwa yiqembu lesizwe laseCamero­on.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa