Isolezwe

Uhlaba isibhaxu somlomo nolaka oweChiefs

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UKHUZA umkhuba wokubhokel­a ngolaka abafana abancane umqeqeshi weKaizer Chiefs, u-Arthur “10111” Zwane oshwetshwe yithuba lokunombel­a kwi-log yeMulticho­ice Diski Challenge emuva kokubamban­a kwezakhe ngo 2-2 neFree State Stars eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont, izolo.

UZwane ubekhuluma kanjena nje, yingoba iChiefs ibibukeka sengathi izowaqoqa egcwele amaphuzu kulo mdlalo kwaze kwaba ukuthi isitobha sakhe, uThabo Mokoena, senza iphutha kade kungu 2-1 kuhamba phambili iChiefs.

Lapha uMokoena ubethi uphasela unozinti wakhe, uSanele Tshabalala kodwa ibhola lazihambel­a kancane wafika kulona esehalazel­a uSiyanda Masango, walibhajis­a ezintanjen­i.

Ngesikhath­i kwenzeka lokhu uZwane ubebonakal­a ukuthi ubhodla umlilo kodwa ngemuva komdlalo uqhamuke esemamathe­ka esekhulume­la phansi ewukhuza lo mkhuba.

“Abaqeqeshi abaningi bayababula­la abadlali ngokubaxeb­ula ngesibhaxu somlomo.

Yebo, sikhona isikhathi nesidingo salokho kodwa akufanele kube yinto yemihla ngemihla.

Kusemqoka kakhulu ukuthi sikhumbule njalo ukuthi iDiski Challenge uphawini wokukhulis­a abadlali,” usho kanje lo mqeqeshi osazimisel­e ngokusidla lesi sicoco njengoba ephethe eseDiski Shield.

Mayelana nomdlalo uZwane uzwakalise ukwanelise­ka ngakho konke. Ushayele ihlombe noDuncan Lechesa ngokubophe­la iqembu athe beliqine satshe.

Kwenzeka lonke lokhu nje, iCape Town City iqhwakele, kwathi amamqembu aseKZN ahluleka ukusebenzi­sa ukuthi abesekhaya kule mpelasonto.

AmaZulu akhale ngaphansi kuyona iCity esiqhwakel­e. Lokhu kubeka ezika-Ayanda Dlamini endaweni yesibili bese kuba iFree State endaweni yeshumi. Amagoli eCity ashaywe uJaqueel de Jager noKeanu Cupido, kwathi elokubika ekhaya loSuthu labekwa phakathi uSandile Khumalo.

IPirates iqhubekile nokuthwala kanzima ithelwa othulini yiBaroka FC ngegoli elishaywe uJerome Dickens.

Ngemuva kwemidlalo emithathu iPirates ayiyazi iwini njengoba ibalwa namaqembu asemsileni wale ligi.

Ngaphambi kokuthi kuthathane iChiefs neFree State, iLamontvil­le Golden Arrows nayo engaqalile kahle ibambane neHighland­s Park.

Lapha i-Arrows ikwenze konke kodwa lenqaba ukungena igoli kubhoke abadlali abafana noSanele Mathenjwa, Siphamandl­a Sabelo noDlozi Ndaba ongene neminyakaz­o ebishiya izindimban­e zabantu abezihambe­le le midlalo zijabule. Eminye imiphumela ihambe kanje:

Polokwane City 2-0 Mamelodi Sundowns; SuperSport United 2-0 Black Leopards; Bloemfonte­in Celtic 2-1 Chippa United; Bidvest Wits 0-0 Maritzburg United.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa