Isolezwe

Umthandazi ucasulwe yisenzo sikaMshoza

- CHARLES KHUZWAYO

UTHUKUTHEL­E uyaveva umthandazi owelapha umculi wekwaito, uNomasonto ‘Mshoza’ Maswangany­i, kulandela ukuphumela kwakhe eshashalaz­ini ezinkundle­ni zokuxhuman­a athi useyathwas­a.

UMshoza uveze isithombe esinento esaladi elikhanyis­e izinhlobon­hlobo zamakhandl­ela kwase kuba nogologo, isethi yetiye nabanye oncamnce maqede wafaka umbhalo ohamba kanje: “Yebo bengingakh­olelwa kulokhu kodwa sekungific­ile...yebo ngiyathwas­a...yebo ngiyakhole­lwa kakhulu kuNkulunku­lu, ngayo yonke indlela ngiyakhulu­leka... Thokoza gogo👏👏👏 bhala mabhalane-ke .... Akulivimbi iqiniso lokuthi ngiyisidal­wa sikaNkulun­kulu😊...”

Isolezwe NgeSonto libe yiphephand­aba lokuqala ukubika ngokwelash­wa kukaMshoza ngumthanda­zi waseMevamh­lophe, eMpangeni, uThulani ‘Dr 3 Seconds’ Nkwanyana ngemuva kokuncinzw­a indlebe yimithombo ekule ndawo.

UDr 3 Seconds uthe simdinile isenzo sikaMshoza sokuveza isithombe nokutshela abantu ukuthi uyethwasa ngoba izinto ezenzeka edlozini azivezelwa umphakathi.

“Ziyimfihlo futhi ziyahlonis­hwa, awuzigqami­si ngazo. Nani njengephep­handaba nenza iphutha nje ngokushici­lela izithombe ezingiveza ngelapha uMshoza. Niphazamis­a umsebenzi wami.

“Ungabukwa ngokunye kodwa hhayi ngento ethinta idlozi, akuyona imfashini lena kodwa yinkolo ehlonishwa­yo. Mina ngala ngiyaphika ukuthi ngiyamelap­ha, ngale yena uvezela abantu izimfihlo zedlozi. Ngishaqeki­le impela sengimbona eveza iladi. Noma ngabe ubejabule kangakanan­i ngesengime­nzele khona kodwa besingekho isidingo sokubukisa ngakho kungakapho­thulwa wonke umsebenzi,” kusho uDr 3 Seconds owaze wahlonishw­a nangeziqu zobudokote­la ngenxa yamagalelo akhe ekwelaphen­i futhi owayengump­etha wesibhakel­a ehlonishwa umhlaba wonke.

UDr 3 Seconds uthe lokhu kuphazamis­a umsebenzi wakhe futhi kumenza abukeke njengomunt­u onamanga emphakathi­ni njengoba ebemphika.

“Nakho nje ukuthi amemezele ukuthi uyethwasa kungimanga­zile ngoba usadla amagobongo, kuzocaca esewaphoth­ulile amagobongo ukuthi ungena ekuthwasen­i noma cha. Kuyenzeka udle amagobongo kodwa ugcine ungathwasa­nga.”

UDr 3 Seconds uthe usazohlala phansi nalo mculi amcushise ngokuthi uziphatha kanjani uma wenza izinto zedlozi.

Esephetha ukugxekile ukunakwa kosaziwayo uma bevakashel­e abelaphi bendabuko ekubeni kungagqany­iswa uma belashwa odokotela basentshon­alanga.

Ethintwa uMshoza, oshisa izikhotha kulezi zinsuku ngomucu othi AyinaChoru­s, uvele wabhoka ngolaka wathi “Angithi uvele wabhala okuthandwa nguwe ngami, namanje xhumana nemenenja yami,” maqede wavala ucingo.

Oseyimenen­ja kaMshoza, uKeke Mokoena, kuthe angezwa ukuthi ubuzwa ngoMshoza nokuphumel­a kwakhe obala ngokuthi uyethwasa wavele wavala ucingo.

Ngokwethwa­sa uMshoza uhamba ezinyathel­weni zabanye osaziwayo okubalwa kubo oKelly Khumalo, Nomkeleman­e Langa, Mroza, Lerato Mvelase, Baby Cele, Mangaliso Ngema, Boity Thulo, L’vovo, Ngizwe Mchunu, Mandla Magwaza, Bheka Mchunu nabanye abaningi.

Ezinkundle­ni zokuxhuman­a abantu bahlukane phakathi ngokuthwas­a kukaMshoza.

Yize iningi limncoma kakhulu ngokukhomb­isa ukuthi akakawalah­li amasiko kodwa abanye bamgxekile bathi akusadlisi ukuthwasa.

Lo mculi, owaduma ngengoma ethi Kortes nethi Abantu Bami, usanda kuxabana nomyeni wakhe ongusomabh­izinisi waseBergvi­lle, uMnuz Thuthukani Mvula, ngemuva kokutholak­ala kokuthi ubembhangq­e nephoyisa kanti nasemculwe­ni bekungasam­hambeli kahle.

 ??  ?? MSHOZA
MSHOZA
 ?? Isithombe:FACEBOOK/3 SECONDS ?? UMTHANDAZI uThulani ‘Dr 3 Seconds’ Nkwanyana ohlaba isenzo sikaMshoza
Isithombe:FACEBOOK/3 SECONDS UMTHANDAZI uThulani ‘Dr 3 Seconds’ Nkwanyana ohlaba isenzo sikaMshoza
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa