Isolezwe

‘Ngifuna ukuqhubeka nomculo’

- NOKUBONGWA PHENYANE

“UMA ngingenza iphutha lokuthi ngiyeke ukuqhubeka nomculo manje, ngeke eminyakeni ezayo ngifinyele­le la ngifuna ukuba khona”.

Lawa ngamazwi ashiwo uXae Zamagambu Memela (19) okuthe ngeSonto waphuma ohlelweni lomculo ama-Idols SA.

UXae uthe lesi yisikhathi sokuthi abhale umculo awuqophe ukuze azenzele igama eNingizimu Afrika.

Ukuphuma kwakhe kuthuse abaningi ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngenxa yokuthi ubengomuny­e wabebenza kahle.

Kodwa amavoti yiwona akhulumile, yena wagcina ethole amancane kuleli sonto.

“Ngesikhath­i sisesiteji sobabili noYanga besilokhu sikhuluma sodwa sithi osalayo simfisela konke okuhle ohlelweni ngoba besingazi ukuthi ngempela ngubani ozodliwa yizembe,” kusho uXae.

Uthe usebatshel­ile abazali bakhe ukuthi ufuna ukuqhubeka emculweni yize engenele umncintisw­ano efunda.

“Ngeke ngiqambe amanga, umculo yiyona into esekhanda lami manje, nabazali bami bazongixol­ela ngempela kodwa ngibatshel­ile ukuthi njengoba sengiphumi­le umculo yiyona into engifuna ukuyenza okwamanje hhayi okunye. Abaculi bohlobo loShekinah bayisibone­lo kimi, ngifuna ukwenza njengabo nami ngisebenze kanzima yize ngingawini­le kodwa ngizakhele igama,” kusho uXae.

Uthe uzozimisa okwamanje izifundo zeHospital­ity abekade ezenza.

Kuma-Idols sekusele abayisithu­pha. Kuleli sonto, kuphinde kuphume oyedwa.

Abasele ngeSonto bazocula izingoma azaculwa ababezokwe­nza inhlolokho­no babheda nabagcina befakwe esigabeni esaziwa ngeWooden Mic.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa