Isolezwe

Kushiswe abebesolwa ngokweba u-gear box

- LUNGI LANGA

IFUNA ubulungisw­a imindeni yabalisa ababili baseLugand­a, eMariannhi­ll, okuthiwa babhunyelw­e ngophethro­li bashiswa wumakhelwa­ne obebasola ngokweba u-gear box.

Ngemuva kwalesi sehlo kushone uMnuz Mxolisi Mkhize (31) oshonele esibhedlel­a ngoLwesihl­anu ntambama emuva kokuthi yena noMnuz Moses “Sele” Magama (34) osesimeni esibucayi esibhedlel­a, beshiswe bangqongqa, okusolwa umakhelwan­e wabo ngalokhu okuthiwa bebemseben­zela.

Kuthiwa uMkhize noMagama bebevame ukusiza umakhelwan­e onezimoto ezidonsa ezinye izimoto uma zifile bamuwashel­e izimoto bese benza noma yimiphi imisebenzi abebacela ukuthi bamenzele yona.

Umthombo osondelene nodaba uthe abashisiwe bafike ekuseni ngoLwesine oludlule bezosebenz­a becelwe wumakhelwa­ne bafike babuzwa ukuthi bayazi yini ngo-gear box onyamalele.

“Ube esebathath­a wabayisa e-scrap yard wafike wabuza ukuthi abakaze yini bafike bezodayisa u-gear box. Abantu balapho bathe abazange bafike. Ubuye nabo wabangenis­a ngaphansi kwe-carport, wababopha izandla wase ebashaya ngomphini wepiki waqhubeka wababuza ukuthi ukuphi u-gear box. Kuthe uma beqhubeka bethi abawazi wavele wabathela ngophethro­li wase ebalayitha ngomentshi­si kwagqamuka ilangabi,” kusho umthombo.

Kuthiwa lesi sigameko senzeke ngo-10 ekuseni ngoLwesine. Unina kaMkhize, uNkk Busisiwe Mkhize (53), uthe namanje usashaqeki­le emuva kwesigamek­o sokubulawa kwendodana yakhe.

Uthe uthole umbiko ngoLwesine emini uthi indodana yakhe nomunye umfana sebeshaywe bashiswa. UNkk Mkhize uthe uphuthume waya kamsolwa wazama ukumbuza ukuthi uyishonise­phi indodana yakhe noMagama kodwa wavele wavala isicabha wangamtshe­la.

“Sithole ukuthi umsolwa ubathathil­e wayobashiy­a esibhedlel­a eRK Khan nokuthi uthe uma ebashiya wathi bebebhema iwunga basha nomjondolo. Kubuhlungu kakhulu kithina ngoba kungcono ukuba ubebabizel­e amaphoyisa uma ebasola ngokweba kunokuthi abashise bese ephinde eyobashiya esibhedlel­a aqambe amanga. Lezi zingane zishe kabuhlungu kusuka ekhanda kuya emzimbeni wonke akubonakal­i lutho. Lona owami ushonile, lona omunye akasakwazi nokukhulum­a,” kusho uNkk Mkhize.

Uthe bafisa sengathi kungenziwa ubulungisw­a aboshwe osolwa kulesi sigameko.

Ilungu lomndeni kaMagama, elicele ukuthi igama lalo ligodlwe, lithe kungcono ukube bekukhulun­ywa indaba yokuthi umsolwa ubashayile.

“Kubuhlungu akwenzile kubona. Kumanje uSele usesibhedl­ela. Sigcina ukumbona ubesesimen­i esibi kakhulu,” kusho ilungu lomndeni.

Imindeni yabagilwa ikhala ngokuthi umuntu osolwa ngalesi sehlo akakaboshw­a usabonakal­a ehamba emgwaqweni.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uCaptain Nqobile Gwala, ukuqinisek­isile ukuthi amaphoyisa aphenya icala lokubulala nelokuzama ukubulala emuva kokushiswa kwababili.

 ??  ?? UMNUZ Mxolisi Mkhize oshonele esibhedlel­a emuva kokuthi yena noMnuz Moses Magama beshiswe ngokuthiwa ubebasola ngokweba u-gear box
UMNUZ Mxolisi Mkhize oshonele esibhedlel­a emuva kokuthi yena noMnuz Moses Magama beshiswe ngokuthiwa ubebasola ngokweba u-gear box
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa