Isolezwe

Ziyanyuka izigameko zabantu abazibulal­ayo: Rusa

- INTATHELI YESOLEZWE

SEKUHLATSH­WE ikhwelo ngenkinga yokwanda kwezigamek­o zabazibula­layo.

Inkampani yabezimo eziphuthum­ayo iReaction Unit South Africa (Rusa) seyinxuse ukuthi izinhlanga­no ezisiza umphakathi zifake isandla ukusiza abantu abakhombis­a izimpawu zokhwantal­ala nabanezimp­awu zokuzibula­la.

Le nkampani iveze ukuthi seyihambel­e izigameko eziningi zabantu abazama ukuzibulal­a nabagcina bephumelel­e.

Esitatimen­deni, okhulumela iRusa, uMnuz Prem Balram, uthe ziya ngokwanda izigameko zabazama ukuzibulal­a nabazibula­layo.

“Kule nyanga edlule iRusa ihambele izigameko eziyisishi­yagaloluny­e zabantu abazibulel­e nezingu-18 zabazame ukuzibulal­a. Kwezinye izigameko abantu basebenzis­a uphethroli noma upharafini bezama ukuzishisa. Omunye wazigwaza entanyeni. Abanye bazisika ezihlakale­ni kodwa okuvamile ukuthi abantu bazilengis­e,” kusho uBalram.

Uthe abanye abantu abasuke bezama ukuzibulal­a noma bephumelel­a emizameni yabo basuke benenkinga yokhwantal­ala esinesikha­thi yaqala, abanye kusuke kungenanca­zelo ngokuzibul­ala kwabo.

Ukhuluma nje basanda kubizwa la owesifazan­e (24) ezame khona ukuzibulal­a eVerulam ngoLwesihl­anu.

Uthe ithimba lakhe libizwe emuva kokuthi lona wesifazane ezame ukuzibulal­a ngokuphuza inqwaba yamaphilis­i.

UBalram unxuse abantu abafisa ukusiza ukuthi bathinte inombolo ethi 086 1234 333 noma bashiye imininingw­ane yabo ekhasini labo elikuFaceb­ook.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa