Elinye igxathu ekwelashweni komdlavuza
UMNYANGO wezeMpilo KwaZulu-Natal usuveze ukuthi sesehlile isikhathi esilindwa yiziguli ezidinga ukwelashelwa umdlavuza.
Lokhu kulandela imibiko ebiveza ukuthi iziguli zisalinda isikhathi eside ukuze zithole usizo lwezempilo uma zinomdlavuza.
NgokoMnyango wezeMpilo kulesi sifundazwe, zilinganiselwa ku-205 iziguli ezilinde ukuthi zilashwe emtholampilo we-radiotherapy esibhedlela saseAddington kusuka ngo-Agasti 6 kuya kuDisemba 2018. Esibhedlela Inkosi Albert Luthuli Central zingu-153 bese ziba ngu-198 esibhedlela iGrey’s.
Bathe akulona iqiniso ukuthi kuneziguli ezingu-8000 ezinomdlavuza ezilinde ukuthola usizo. Babuye bathi kunemishini eyisikhombisa yokwelapha umdlavuza esezibhedlela ezehlukene kulesi sifundazwe – nokusiza ekwehliseni isibalo seziguli ezilindile.
Phezu kwalokhu umnyango uveze ukuthi usebenzisana nongoti bezokwelapha umdlavuza baseWits Health Consortium nodokotela ababili abenza lo msebenzi abasesibhedlela saseAddington.
Ngokusho komnyango lokhu sekuholele ekutheni kwehle isikhathi esilindwa yiziguli esezilinda amasonto amathathu noma amane kuya kwayisishiyagalombili. Kuthiwa izingane ezidinga ukubona udokotela womdlavuza azilindi.
Ngaphambi kwalokhu kuthiwa iziguli zazilinda izinyanga ezinhlanu kuya kweziyisithupha.
UNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Sibongiseni Dhlomo, uthe isifundazwe sesenza kahle ekwelapheni iziguli ezinomdlavuza osheshe watholakala.
Uthe kubalulekile ukuthi abantu bahlolelwe umdlavuza ukuze usheshe utholakale. Uthe iningi leziguli ezidinga ukwelashwa lisuke selinomdlavuza osuke usuhambe kakhulu ngoba uphuzile ukutholakala.
“Iqiniso wukuthi asikho lapho ebesikhona ekwelashweni komdlavuza. Miningi imizamo esiyenziwe nesiholele ekutheni (iziguli) zisheshe ziluthole usizo lokwelashwa komdlavuza,” kusho uDhlomo.
Uthe yibona abazihambisela umbiko kuSouth African Human Rights Commission (SAHRC) nayo yabuyela kubona ibatshela ukuthi abasheshise uhlelo lokuqasha odokotela abelapha umdlavuza nathe sebekwenzile.