Isolezwe

Sihlehlile isicelo sebheyili kwelokufa kukaMchunu

- MLUNGISI GUMEDE

ISICELO sebheyile samadoda ayisithuph­a, okubalwa kuwo nekhansela le-ANC, siphinde sahlehla eNkantolo eNkulu yaseMgungu­ndlovu.

Amadoda abekwe icala lokubulala isishoshov­u se-ANC, eMoses Mabhida, uMnuz Msawenkosi “Maqatha’’ Mchunu.

Isicelo sebheyili sesizolale­lwa izinsuku ezine kusukela ngo-Okthoba 23-26.

Izolo bekulindel­eke ukuthi silalelwe isicelo sebheyili kodwa kwavunyelw­ana ngokuthi sihlehlisw­e ukuze kunikwe imantshi entsha, uMnuz Sello Maboee, isikhathi esanele sokuzijway­eza imininingw­ane yecala.

UMaboee uthathe icala ngemuva kokuhoxa kwemantshi ebikhona, uMnuz Ashin Singh, ngemuva kokuthie esolwe ngokuchema nabameli babamangal­elwa.

USingh kuthiwa wabonakala ekhuluma nabameli babasolwa ephaseji kodwa yena uthi alikho icala analo ngoba yinto ejwayeleki­le ukuthi izimantshi zikhulume nabameli.

Izolo kuvele ukuthi uMbuso uhlela ukubeka icala lokubulala enye indoda nokufa kukaMchunu.

Indoda ibilokhu ivela enkantolo namanye amadoda kodwa yona iboshelwe elinye icala lokukhipha budedengu isibhamu emphakathi­ni.

Lokhu kuthiwa kwenzeka ngaphambi kokuthi kubulawe uMchunu.

Ummeli wendoda, uMnuz Benny Mohamed, utshele inkantolo ukuthi omqashile usebekwe icala lokubulala.

UMohamed ucele ukuthi acaciselwe ngokuthi kwenzekani ngendoda yesikhombi­sa ukuze isicelo sayo sebheyili sizolalelw­a kanye nalezo zamanye amadoda ayisithuph­a.

Umshushisi, uNkk Rene Padayachee, uthe indoda okukhuluny­wa ngayo okwamanje kayikabekw­a icala lokubulala uMchunu kodwa kusalindwe isinqumo sePhini loMqondisi wezokuShus­hisa KwaZulu-Natal, uMnuz Thulani Selepe, elizonquma ukuthi iyabekwa licala noma cha. Amadoda ayisithuph­a sekuphele inyanga eboshiwe kodwa akakabuzwa ukuthi ayalivuma noma ayaliphika yini icala. Bekugcwele phama enkantolo, ngaphakath­i kukhona amalungu enhlangano abefuna ukuzwa ukuthi kwenzekani ngecala.

Ngaphandle isasasa belehlile, kukhona isigejana samalungu eqembu singaculi abanye bemi izixongolo­lo, abanye bezihlalel­e ngaphansi kwezihlahl­a emakethe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa