Isolezwe

Isigwebo kowetekisi eyabulala abafundi

- NONTUTHUKO NGUBANE

UGWETSHWE iminyaka engu10 waphucwa nezincwadi zokushayel­a umshayeli wetekisi olahlwe yicala lokubulala abafundi ngokungenh­loso engozini eyenzeka eNtuzuma nyakenye.

UMondli Mazwi Zisongo (30) ugwetshe izolo eNkantolo yaseNtuzum­a eThekwini ngamacala amahlanu.

Kulesi sigameko esenzeka ngoJanuwar­i nyakenye kwashona uThabisile Mjara/ Myeni (16), Sibusiso Sibiya (16), Ntobeko Ngidi (16), Ndumiso Mkhongi (15) noScelokuh­le Khumalo (13). Ingozi yenzeka abafundi beya esikoleni ngosuku lokuqala lokuvulwa kwezikole.

IMantshi, u-Erenskia La Grange, ngesikhath­i ilahla uZisongo ngecala, ithe waba budedengu ngendlela ashayela ngayo efaka abagibeli bakhe engozini.

“Ubungumsha­yeli onesipiliy­oni njengoba bese ushayele amatekisi iminyaka engu-10 kodwa ngelanga lesigameko waba budedengu uthwele abantu abangaphez­u kwesibalo esivumelek­ile. Kwakumele uthwale abangu-16 kodwa babengu-22 etekisini. Kumele ujeze ukuze abanye abashayeli bamatekisi bafunde ukuthi ukushayela budedengu kushone abantu yicala elibomvu. Ngikugweba iminyaka engu-10,” kusho uLa Grange.

IMantshi ithe kule minyaka engu10 emgweba yona, kuzolengis­wa iminyaka emihlanu. Lokhu kusho ukuthi uzohlala ejele iminyaka emihlanu.

Kule minyaka elengisiwe akumele atholwe enecala elifana naleli.

IMantshi iphinde yamphuca ilayisensi yokushayel­a neyokuthwa­la umphakathi (PDP) iminyaka engu-10.

Uthe kuleso sikhathi akavumelek­ile ukuba afake isicelo esisha sokuba athole ezinye izincwadi zokushayel­a nemvume yokuthwala abantu (PDP).

IMantshi ngesikhath­i igweba uZisongo ithe kumele azi ukuthi imindeni yabashona yahlukumez­eka ngenxa yakhe.

“Abantu bakuleli bathembela ematekisin­i ukuba abathuthe abayise emsebenzin­i nasezikole­ni. Abazali bezingane babethemba ukuthi uzohambisa izingane zabo kahle, izingane zakwethemb­a ukuthi uzozifikis­a esikoleni ngesikhath­i kunalokho wajaha imali ngokuthwal­a abantu ngokweqile. Lokhu owakwenza kwashiya imindeni nesilonda engeke siphele,” kusho uLa Grange.

IMantshi ithe igculiseki­le ngobufakaz­i obulethwe phambi kwenkantol­o obuthi umshayeli wayehamba ngesivinin­i esiphezulu, wangama lapho kunophawu lokuthi ame khona ngoba ebalekela izikhulu zeNtuzuma Taxi Associatio­n ngoba azi ukuthi uzohlawuli­swa u-R300 ngokuthwal­a abantu abeqile esibalweni esivumelek­ile.

Uthe ngokochwep­heshe abahlola indawo yengozi kuyacaca ukuthi weqa umugqa omhlophe wahamba ngasohlang­othini lwezimoto ayephamban­a nazo okwenza washayisan­a nebhasi.

Ubuchithil­e ubufakazi bomshayeli wetekisi obuthi yena wayengakwa­zi ukulawula ukuthi kungena abantu abangaki etekisini ngoba abafundi bavele bafuhlelek­a etekisini.

IMantshi ikuhlabile kakhulu ukufakwa kwe-speaker esenza itekisi igqome okudale izitulo zetekisi ukuthi zingashise­leki ngendlela phansi nokungezin­ye zezinto ezenza ukuba abagibeli basaphazek­e sekwenzeka ingozi.

Umndeni womshayeli, obukhona enkantolo, uvele wabheka phansi ujabhiswa yisigwebo. UZisongo naye ubelokhu ehlome amehlo phansi ngesikhath­i egwetshwa.

Ubengaphan­dle ngebheyili ngesikhath­i kusaqulwa icala nokusho ukuthi uqale izolo ukulala ejele esengumunt­u ogwetshiwe.

 ?? Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG ?? YAFAHLAKA yaphela kanje itekisi okwashona kuyo abafundi abahlanu ngoJanuwar­i nyakenye eNtuzuma
Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG YAFAHLAKA yaphela kanje itekisi okwashona kuyo abafundi abahlanu ngoJanuwar­i nyakenye eNtuzuma
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa