Isolezwe

Bakhala ngesigwebo esincane abashonelw­a yizingane

- NONTUTHUKO NGUBANE

IKHALA ngesigwebo seminyaka engu-10 imindeni yabafundi abashona engozini yetekisi nebhasi eNtuzuma.

Izolo iNkantolo yaseNtuzum­a igwebe umshayeli wetekisi uMondli Mazwi Zisongo (30) ngecala lokubulala ngokungenh­loso abafundi abahlanu.

Uyisemkhul­u kaNtobeko (16), uMnuz Themba Ngidi, uthe okubuhlung­u ngukuthi umshayeli uzosheshe aphume ejele ekubeni ithemba lakhe walingcwab­a.

“Ngiyakhala kakhulu ngalesi sigwebo ngoba kule minyaka engu-10 emihlanu ilengisiwe. Uzophuma khona manje ejele, eyami ingane engangithe­mba ukuthi iyona ezongingcw­aba ilele kobandayo. Unina wayo le ngane ubengafuni nokuza enkantolo ngoba engafuni ukumbona lo mshayeli owasiphuca ingane yethu ngokuba budedengu,” kusho uNgidi.

Uyise kaSibusiso Sibiya, uMnuz Bongani Mposa, wayeka umsebenzi ngenxa yale ngozi eyamhlukum­eza.

“Ngaphazami­seka kakhulu emqondweni ngakhetha ukuyeka umsebenzi wami ngoba ngehluleka ukwamukela ukuthi ngishonelw­e ngenye ingane. Ingane yami bekungukup­hela kwayo kulandela ukushona komunye umfana wami ngo-2003. Unina washona bebancane ngazikhuli­sela bona, kwabe sekushona owokugcina. Lesi sigwebo sincane, bengifuna noma iminyaka engu-20 esejele umshayeli,” kusho uMposa.

Uthe okwamhluku­meza kakhulu ukuhamba ubusuku bonke ngelanga lengozi ebheka ingane yakhe engazi ukuthi isishonile.

Uthe noma eseyitholi­le base beyibanga nomunye umndeni uzitshela ukuthi ingane yawo ngenxa yendlela eyayilimel­e ngayo ingasabona­kali.

Eminye imindeni okufundwe izincwadi ezifungelw­e ngokuhluku­mezeka kwayo ithe impilo ngeke iphinde ifane.

Unina omncane kaNdumiso, uNksz Nonhlanhla Majozi, uthe udadewabo washona engozini enenyanga, uNdumiso wazikhulis­ela yena njengengan­e yakhe.

“Okwangihlu­kumeza kakhulu wukuhlala e-ICU elimele kakhulu nodokotela besho ukuthi konke okungaphak­athi akusaseben­zi. Waba sezinhlung­wini ezinzima ngilokhu nginethemb­a lokuthi uzosinda,” kusho uNksz Majozi.

 ??  ?? SIBUSISO SIBIYA
SIBUSISO SIBIYA
 ??  ?? NTOBEKO NGIDI
NTOBEKO NGIDI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa