Isolezwe

Amaphoyisa kamasipala adube umsebenzi

- BONISWA MOHALE

KUPHAZAMIS­EKE ukusebenza emahhovisi amaphoyisa kaMasipala weTheku ase-Albert Park izolo ngesikhath­i eduba umsebenzi evala amasango angena emahhovisi ekhonondel­a ukucwasa.

Izolo amaphoyisa angamalung­u ezinyunyan­a ezimbili iSouth African Municipal Workers’ Union (Samwu) ne-Independen­t Municipal and Allied Workers’ Union (Imatu) atelekile ekhononda ngokuthi kuyacwaswa uma sekukhushu­lwa abantu ezikhundle­ni, abanye abayiholi imali yokusebenz­a amahora engeziwe nanokuthi kuyenzelel­wa uma kuqondiswa ubugwegwe ozakwabo abawolunye uhlanga.

Abaphathi bamaphoyis­a kamasipala basemahhov­isi aseAlbert Park baphoqelek­e ukuthi basebenzis­e izindlawu ukusika amaketanga obekuvalwe ngawo ukuze angene emahhovisi.

UMnuz Zithembiso Qulo oyishop steward yeSamwu, utshele iphephanda­ba elinguzakw­abo weSolezwe, iDaily News, ukuthi abaneme neze ngendlela abaphathi babo abenza ngayo e-Albert Park.

Uthe izimoto zamaphoyis­a kaMasipala weTheku zicazwa ngendlela engathokoz­isi. Kunobandlu­lulo nokucwasa uma kuqondiswa ubugwegwe, abasebenzi njengoba abanye begwetshwa kanzima kodwa abohlanga oluthile bashaywe ngoswazi oluncane.

Ubalule ukuthi abanye abasebenzi abakuholel­i ukusebenza isikhathi esengeziwe kodwa kukhona abakhokhel­wayo.

Uthe bafuna kususwe nesikhulu esibhekene nezinsolo zokuhlukum­eza umsebenzi ngokocansi.

Inhloko yamaphoyis­a kaMasipala weTheku, uKhomishan­a Steve Middleton, ithe ayikakwazi ukuphawula okuningi ngodaba lwesitelek­a kodwa ingakuqini­sekisa ukuthi ibe nomhlangan­o odonse amahora amathathu nabamele iSamwu ne-Imatu bayinika uhlu lwabo lwezikhalo.

“Ngiluthath­ile uhlu lwabo lwezikhalo ukuze ngiludluli­sele phambili, ngizobuyel­a kubona kusasa. Yilokho kuphela engingakus­ho okwamanje,” kusho uMiddleton.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa