Isolezwe

Kuteleka abasemboni­ni kaplastiki

- BONISWA MOHALE

KUME nse ukusebenza embonini kaplastiki emuva kokuthi abasebenzi abawu-10 000 belaxaze amathuluzi befuna ukunyuselw­a amaholo ngo-15%.

UNkk Phakamile Hlubi-Majola obhekelele ezokuxhuma­na kwiNumsa kuzwelonke uthe namhlanje kuzoba nemashi ePinetown, ozosuka eduze kwenxanxat­hela yezitolo iPinecrest ebiyaziwa ngeSanlam Centre, iye esiteshini samaphoyis­a asePinetow­n lapho abaqashi bezothatha uhlu lwezikhalo.

UNkk Hlubi-Majola uthe abasebenzi bafuna ukubuyisel­wa imihlomulo akade beyithola ngesikhath­i bengaphans­i kwe-bargaining council efanayo neyabasebe­nza ngokusansi­mbi. Ubalule ukuthi umhlomulo ophansi embonini yabasebenz­a ngokusansi­mbi wuR40 ngehora kodwa kwekaplast­iki uwuR20 ngehora futhi abawatholi amabhonasi.

“Ungenzanja­ni uma umqashi wakho ekutshela ukuthi uzohhafula umholo wakho? Yile nto eyenzekayo embonini kaplastiki yingakho beteleka. INumsa ifuna abasebenzi bathole imihlomulo yabo neholo elifanele. Bafuna u-15% nokuthi ihora libe wuR40 hhayi uR20,” kusho uNkk Hlubi-Majola.

Uthe ziwu-450 izinkampan­i ezizothika­mezwa ngenxa yalesi siteleka kodwa baphoqelek­ile ukuthi bateleke ngoba abasebenzi bayaxhasha­zwa. Ezinye izikhalo zabasebenz­i wukunyuswa kwamahora okusebenza asuke ku-40 aye ku-45 ngesonto.

Ukwehliswa kwezinsuku zekhefu zisuka emavikini amane kuya kwamathath­u bese kuba wukuthi abasebenza ezindaweni zasemakhay­a umholo wabo wehliswe ngo-10% kulowo otholwa wozakwabo abasezinda­weni zasemadolo­bheni.

INational Employers Associatio­n of South Africa ithe izophawula namuhla ngemuva kwemashi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa