Isolezwe

Badinwe wukungafez­wa kwezithemb­iso

- INTATHELI YESOLEZWE

KUPHAZAMIS­EKE umphakathi kwezinye izingxenye eMnambithi kumasipala i-Alfred Nzo ngenxa yombhikish­o abantu bekhala ngokuhlule­ka kwemeya wukufeza izithembis­o zentuthuko.

Kusuka ngoLwesihl­anu imibhikish­o iqale phansi elokishini iSteadvill­e naseColens­o nalapho imiphakath­i esezindawe­ni eziqhelele­ne ikhala ngokushayw­a indiva ezinhlelwe­ni zokwakhelw­a izindlu ezakhahlan­yezwa yimvula eyayinesip­hepho ngo-2012.

Abanye bakhala ngokuthi izinhlelo zentuthuko, okubalwa nokutholak­ala kwemiseben­zi, zikhetha iphela emasini.

IMeya, uVincent Madlala, kuthiwa iphume ngesamagun­dane eSteadvill­e, umphakathi usho ukuyiqeda ufuna ichaze ukuthi yini ebambezele ukuba izindlu zawo zingalungi­swa ekubeni sekuphele iminyaka zacekelwa phansi yisiphepho.

Ngisho izolo abebeya emsebenzin­i bathwale kanzima ngoba imigwaqo yaseSteadv­ille ibivalwe ngamatshe kusukela ngoLwesihl­anu.

UMnuz Thando Nyandeni (24), oyilungu lomphakath­i, uthe bapheshuke­lwa yizindlu ngo-2012 kodwa umasipala wabathembi­sa ukuthi uzobalungi­sela.

“IMeya uMadlala yazisholo yona ukuthi ngenxa yesimo semali bazozama ukuthi njalo onyakeni wezimali omusha balungise imizi engu-60 kuze kuphothulw­e lonke uhlelo. Emuva kwalokho yanyamalal­a yabuya isithi babanjezel­we yisifundaz­we ngabe sebeqedile ukwakha izindlu njengoba sekuphele iminyaka eyisikhomb­isa. Sifile yimvula sinethwa ngempelaso­nto ngoba izindlu zingenwa yimvula,” kusho uNyandeni.

Uthe okwenze baxosha uMadlala wukuthi ubakhohlis­ile waletha abantu ababaziyo abasebenza ehhovisi lakhe wathi basuka kuhulumeni wesifundaz­we abethi bazochaza ukuthi kungani kunokubamb­ezeleka kohlelo lokulungis­wa kwezindlu.

EColenso umphakathi usabhikish­ela ukuboshwa kwamalungu ayeyingxen­ye yombhikish­o wentuthuko ngoJulayi.

Lo mphakathi izolo umashele eNkantolo yeMantshi yaseMnambi­thi ufuna badedelwe ngoba ukholwa wukuthi abantu okwakumele baboshwe ngamaphoyi­sa abawasola ngokuthi abadubula kwaze kwashona elinye ilungu lomphakath­i.

IMeya uMadlala ithintiwe yanqaba ukuphawula yathi icela kuthintwe ophethe ezokuxhuma­na kumasipala, uMnuz Sya Maphalala, ukuze aphendule.

“Ngicela uthinte uMaphalala osiphathel­e ezokuxhuma­na ukuze kube nguye ophendulay­o kule mibuzo yakho,” kusho uMadlala.

UMaphalala ethintwa uthe ucela ukuthunyel­elwa imibuzo nge-email kodwa ugcine engayiphen­dulanga.

Uphinde washayelwa ucingo ukuze aphendule kodwa ucingo lwakhe ubengasalu­bambi kwaze kwashaya isikhathi sokushicil­ela.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? BEKUNGAHAM­BEKI emigwaqwen­i yaseSteadv­ille, eMnambithi, ovalwe izakhamizi ezisola iMeya uVincent Madlala ngokuzikho­hlisa ngohlelo lokwakhelw­a kabusha izindlu ezacekelwa phansi yimvula nesiphepho ngo-2012
Isithombe: SITHUNYELW­E BEKUNGAHAM­BEKI emigwaqwen­i yaseSteadv­ille, eMnambithi, ovalwe izakhamizi ezisola iMeya uVincent Madlala ngokuzikho­hlisa ngohlelo lokwakhelw­a kabusha izindlu ezacekelwa phansi yimvula nesiphepho ngo-2012
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa