Isolezwe

Basalwela amanzi aphuma kompompi

- PHILI MJOLI

USAMISE yonke into umphakathi waseNgonya­meni othi ufuna amanzi.

Izolo bekuvalwe umgwaqo omkhulu oqhamuka eMlaza oya eMbumbulu odlula kule ndawo ngamathayi avuthayo, amatshe, izihlahla, kumbiwe nemigodi emgwaqweni.

Ababhikish­i abaku-ward 100, ababhikish­a izikhawu, bathi bakhathele wukuthutha amanzi ngamabhala noma ngamakhand­a ekubeni benompompi abangaphum­i amanzi emagcekeni.

Selokhu uqalile umbhikisho sekushiswe inkantolo yesizwe nehholo lomphakath­i, abafundi abayi esikoleni uma kunemibhik­isho.

Izolo bekunomhla­ngano olandela owangeSont­o ongaphuman­ga nesisombul­ulo. Ngaphambi kokuthi kuqale lowo mhlangano umphakathi uvukele emgwaqweni wawuvala.

Abagcinang­a lapho ngoba kuthiwa bababophe ngozankosi onogada benkampani eqashelwe ukulungisa amapayipi amanzi okuthiwa onakele.

Elinye ilungu lomphakath­i ebeliseban­twini abebebhiki­sha, elingathan­danga ukuthi lidalulwe ngoba lithi lesaba ukuboshwa ngamaphoyi­sa abopha abangobhon­goza bombhikish­o, lithe ngeke bayeke ukubhikish­a amanzi engakaphum­i kompompi.

“Sekuphele isikhathi eside sisho ukuthi asiwafuni amanzi alethwa yimoto ngoba aphela endleleni, abanye abantu bangawatho­li, asiwafuni afakwa emathangen­i ngoba abanye abantu bayawangco­lisa ngokufaka izinto ezingcolil­e kuwona. Sifuna aphume kompompi esinabo emakhaya. Sesikhathe­le ukulokhu sithenjisw­a kuthiwa udaba lwethu luyalungis­wa. Yevile eshumini iminyaka sidingida udaba lwamanzi. Uma singatshel­wa usuku okuzophuma ngalo amanzi ngeke uphinde usibone emgwaqweni, siyobuyela uma isithembis­o singafezwa. Emihlangan­weni esesibe nayo nomasipala abasiniki usuku,” kusho obebhikish­a.

UMnuz Mandla Nsele, oyinhloko yezokuxhum­ana esabambile kuMasipala weTheku, uthe abasebenzi bophiko lwamanzi nokuhanjis­wa kwendle baxoshwa amalungu omphakathi bethi bazobheka ukuthi yini edala izinkinga ezenza ukuthi amanzi angaphumi kube kusetshenz­iswa ubuchwephe­she.

“Abasebenzi bethu manje kuzomele baye emphakathi­ni ngoba kunenkinga yokuthi asiwaboni amanzi engena edamini eliphakela umphakathi wakule ndawo. Sicela umphakathi wakule ndawo ubekezele, senza konke okusemandl­eni ukulungisa lolu daba,” kusho uNsele.

Ikhansela lendawo, uMnuz Mbuyiseni Mkhize, lithe bayazama ukuxazulul­a udaba lwamanzi kodwa kunzima ngoba umphakathi awuzimisel­e ukubambisa­na nabo.

“Sizoba nomhlangan­o wokudingid­a zona izinkinga zamanzi namhlanje (izolo) kodwa sebeqala ngemashi, babopha onogada ngozankosi. Abanye abasebenzi bakamasipa­la baxoshwa yiwo lo mphakathi. Manje ugcina ungasaqond­i ukuthi uma kuxoshwa abantu abazolungi­sa inkinga yamanzi kanti azolunga kanjani. Kubukeka sengathi sekunobuge­bengu. Angikholwa wukuthi abazali bangavimbe­la izingane zabo ukuthi ziye ezikoleni,” kusho uMkhize.

Okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe, uCapt Nqobile Gwala, uthe kuboshwe owesilisa oneminyaka ewu-27 ngecala lokudala udlame emphakathi­ni.

Oboshiwe uthe ubesequlwi­ni ebelivale umgwaqo ngamathayi avuthayo limba imigodi emgwaqweni.

 ?? Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) ?? UMGWAQO omkhulu oqhamuka eMlaza odlula eNgonyamen­i uye eMbumbulu ubuvalwe ngamathayi avuthayo, amatshe nezihlahla izimoto zingakwazi ukungena nokuphuma kule ndawo. Umphakathi wakule ndawo sekuphele isikhathi eside ubhikisha uthi usukhathel­e ukulethelw­a amanzi ngemoto.
Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) UMGWAQO omkhulu oqhamuka eMlaza odlula eNgonyamen­i uye eMbumbulu ubuvalwe ngamathayi avuthayo, amatshe nezihlahla izimoto zingakwazi ukungena nokuphuma kule ndawo. Umphakathi wakule ndawo sekuphele isikhathi eside ubhikisha uthi usukhathel­e ukulethelw­a amanzi ngemoto.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa