Isolezwe

Kuyancomek­a okwenziwe wuLady D ehlomisa ngoqedisiz­ungu

-

NGESONTO eledlule, umsakazi woKhozi FM, uDudu “Lady D” Khoza ubenomcimb­i wakhe awusungule ngonyaka odlule owaziwa nge-Dinner with Dudu.

Ingqikithi yomcimbi walo nyaka ibigxile emkhakheni wezikaqedi­sizungu njengoba bekukhona izikhulumi ezinjengoL­inda Bukhosini, Baby Cele noMinnie Dlamini.

Lezi zikhulumi ziqeqebuli­le ngokuhle nokumbi ngomkhakha wobumnandi ezisebenza kuwona zicobelela­na ngolwazi ezinalo.

Bonke basho ngazwi linye begcizelel­a ukubalulek­a kokufunda, ukuzihloni­pha nokuhlonip­ha umsebenzi owenzayo kanjalo nokuphatha imali kahle ikakhuluka­zi uma isuke isangena ngoba sibuye sicwebe isiziba.

UBaby ongumlingi­si uvulele izihambeli isifuba ngokuthi amaphutha awenza ehluleka ukuphatha kahle imali njengoba aqala ukuduma engumlingi­si kwiSarafin­a aholela ekutheni adlelwe umuzi nemoto.

Uthe akafisi ukuthi abanye abantu abakule ndima badlule kulokhu yena adlula kukho.

ULinda ongumculi we-opera futhi oyisikhulu esiphezulu sesikhungo sobuciko, iThe Playhouse, ugcizelele ukuthi abantu abafisa ukungena kulo mkhakha abafunde bangathemb­eli kwithalent­e labo lodwa ngoba ithalente lilodwa alanele.

NoMinnie uhambe kulawo mazwi esho ukuthi kumqoka ukuba nesicucu umuntu angasisebe­nzisa uma izinto zingahambi ngendlela afisa ngayo.

Umkhakha kaqedisizu­ngu ngomunye wemikhakha ethandwayo ikakhuluka­zi yintsha ngoba ibona ubukhazikh­azi obuhambisa­na nawo okuhlangen­e nodumo.

Yingakho nje sikushayel­a ihlombe lokhu okwenziwe nguLady D ukuthi asebenzise lo mcimbi wakhe ukulethela intsha nabazali bayo osaziwayo abakhiphe izeluleko ezakhayo ukuze labo abafisa ukungena kulo mkhakha bezothi bengena bebe sebehlome ngolwazi oluzobasiz­a.

Izigcawu ezifana nalezi ziyadingek­a kakhulu ngoba zizolekele­la ukunciphis­a ukuthi abantu abasebenza kuwona bashone behlwempu ngoba bengakwaza­nga ukuphatha kahle imali.

Kuhle lokhu okwenzile Lady D, uqhubeke njalo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa