Abantu sebadlala ‘ogobela’ ababasabisa benziwa yindlala
UKUHLAMBALAZEKA komkhakha wezokwelapha kwendabuko kuya ngokuya kuqhubeka ngenxa yalabo abangathandi ukuthi izinto zenzeke ngendlela. Mhlawumbe umsebenzi ozokwenziwa nguMnyango wezeSayensi nobuChwepheshe ubambisene noMnyango wezokubhekelela ulwazi lwasemandulo eNyuvesi yaKwaZulu-Natal ukuthi kuqalwe kube khona ukuhlolwa nokuhlungwa kwabelaphi kungase kube nomthelela omuhle kulokhu kwelapha kwase-Afrika.
Ziningi izinto ezenzakayo kulo mkhakha wezokwelapha okugcina abantu bekubukela phansi, kuthi noma umuntu kufanele amukele umsebenzi wabadala aqale aqinise ikhanda, athi ngeke mina ngikwenze lokho ngoba ebona indlela izinto ezenzeka ngayo kulabo asebephambili abangenzi ngendlela kodwa kuqhutshwa isimo sepolitiki yendlala yesisu.
Ngesonto eledlule ngikhulume kweminye yemisakazo ngokwesatshiswa kwabantu ngabalaphi uma beze kubona bezofuna usizo. Lo mkhuba mkhulu kakhulu kogobela abaningi lapho uthola umuntu enezinkinga bese ugobela athi uma esemhlolele bese emtshela ukuthi uma engakwenzi lokhu uzovelelwa yizinto ezimbi.
Izinto ezivamise ukubalwa kuyaye kuthiwe uzogingqika nemoto, ukuhlupheka ngeke kuphele uzokufa nokufa, kokunye kuthiwe uzophelelwa wumsebenzi.
Umuntu lapho useyotatazela ngoba kakadeni ezibona ehlwempu kanti udlala umuntu ophethwe yindlala. Lokhu kuvamise kakhulu kubantu okufanele bathwase abayaye batshelwe ukuthi uma ungathwasi kumbe ungangeni ephehlweni uzobona ngeke ukuhlupheka kuphele. Lokhu kushiwo kakadeni uyahlupheka. Baningi ke abantu namhlanje abathwasile ngoba kwakuthiwe uma beke bathwasa kuyophela inhlupheko anele athwase umuntu izinkinga ziqale phansi kunakuqala.
Zimbili izindlela abantu okufanele bathwase abasatshiswa ngazo: ukuthi uzohlupheka kunakuqala, okwesibili uma ugula uguliswa yimimoya okufanele ukuthi igezwe kube yikuphela nokungenzeki bese utshelwa ukuthi ngeke uze usinde, nebala bese uyathwasa kanti ubuguliswa yimimoya edinga ukuhlanjululwa kokunye ukwembatha qha.
Kungakho-ke namhlanje sinabantu abathwasile kodwa makhathaleni bagcine bengasebenzi kungenzeki lutho. Omunye avuthe bhe ngamaphupho athi angathwasa kuphele konke agcine engasaphuphi ngisho amawongowongo lawa.
Engiqonde ukukusho namhlanje kuthi uma umuntu ekusabisa qaphela ngoba lowo muntu akayena umphathi wempilo yakho futhi akayena uMvelinqangi nethongo lakho okuyilona elilawula impilo yakho.
Kungakho namhlanje sinabantu abathi mina sengincamela ukusindiswa ngoba ngitshelwa lokhu nalokhu. Lowo muntu usuke eqinisile ngoba kukhona ogobela abasho konke okungekho.
Ukwesatshiswa-ke engikhuluma ngakho akukho kuphela kubelaphi bendabu kukhona ngisho emabandleni imbala. Uma uya kunoma yiliphi isonto lanoma iyiphi inkolo uzothola zonke izintshumayelo ezenziwayo zithinta kakhulu ukufa nokuthi uma ungenzi ukuthi nokuthi ngeke uze ungene ezulwini, khona lapho kusetshenziswa iBhayibheli.
Lokhu kwesatshiswa kusetshenziswa abantu kwabona abangazange bayihamba le ndlela, abakaze bafe babuye bavuke, kodwa ngoba bayazi ukuthi sihluphekile sidinga impilo eza ngemali basebenzise ukwesabisa ukuze ukhiphe lena ekuwena ekhukhwini ukuze nabo baphile.
Ukhiye nengidi yokusabisa yimali.
Okufanele ukuthi sikuqikelele ukuthi kunezinkinga esinazo, kodwa ngokuba nazo akusho ukuthi uMvelinqangi usengasithatha kumbe sivelelwe zinkinga ezinzima ngokuba nalezo zinkinga ezisiphethe.
Ukungagcini amasiko nokungenzi izinto ezithize, akukho muntu ongakutshela ukuthi kuzokwenzekani, kuphela angakuqwashisa ngokuthi uma ungenzi izinto zakho ngeke kulunge okuthizeni empilweni yakho, hhayi ukuthi uzokufa, uzogingqika nezimoto uyohlupheka uze ufe sengathithi impilo yakho isezandleni zakhe.
Ukugula nenhlupheko ngiyohlale ngiphindaphinda ngisho ngithi akuzona izimpawu zokuthi thwasa.
Ukuthwasa uyatshelwa ngabakini abadala, uma ungalaleli lokho okutshelwayo nalokho okuvezelwayo kulapho-ke kuqala khona inkathazo.
Kanjalo futhi uma uyohlola ohlanyeni kunezinto elikunekela zona ezonakele akufanele ukuthi luthi uma ungabuyi uzolahlekelwa yilokhu nalokhu ngoba alwengamele iziphiwo zakho. NANSI INDABA Ungasatshiswa ngoba akekho oyaziyo indlela sonke siyafuna ngamanga ethu. Bhedlindaba (033)5691317/ 0797471911/ 728792001.