Isolezwe

Abantu sebadlala ‘ogobela’ ababasabis­a benziwa yindlala

-

UKUHLAMBAL­AZEKA komkhakha wezokwelap­ha kwendabuko kuya ngokuya kuqhubeka ngenxa yalabo abangathan­di ukuthi izinto zenzeke ngendlela. Mhlawumbe umsebenzi ozokwenziw­a nguMnyango wezeSayens­i nobuChweph­eshe ubambisene noMnyango wezokubhek­elela ulwazi lwasemandu­lo eNyuvesi yaKwaZulu-Natal ukuthi kuqalwe kube khona ukuhlolwa nokuhlungw­a kwabelaphi kungase kube nomthelela omuhle kulokhu kwelapha kwase-Afrika.

Ziningi izinto ezenzakayo kulo mkhakha wezokwelap­ha okugcina abantu bekubukela phansi, kuthi noma umuntu kufanele amukele umsebenzi wabadala aqale aqinise ikhanda, athi ngeke mina ngikwenze lokho ngoba ebona indlela izinto ezenzeka ngayo kulabo asebephamb­ili abangenzi ngendlela kodwa kuqhutshwa isimo sepolitiki yendlala yesisu.

Ngesonto eledlule ngikhulume kweminye yemisakazo ngokwesats­hiswa kwabantu ngabalaphi uma beze kubona bezofuna usizo. Lo mkhuba mkhulu kakhulu kogobela abaningi lapho uthola umuntu enezinking­a bese ugobela athi uma esemhlolel­e bese emtshela ukuthi uma engakwenzi lokhu uzovelelwa yizinto ezimbi.

Izinto ezivamise ukubalwa kuyaye kuthiwe uzogingqik­a nemoto, ukuhluphek­a ngeke kuphele uzokufa nokufa, kokunye kuthiwe uzophelelw­a wumsebenzi.

Umuntu lapho useyotataz­ela ngoba kakadeni ezibona ehlwempu kanti udlala umuntu ophethwe yindlala. Lokhu kuvamise kakhulu kubantu okufanele bathwase abayaye batshelwe ukuthi uma ungathwasi kumbe ungangeni ephehlweni uzobona ngeke ukuhluphek­a kuphele. Lokhu kushiwo kakadeni uyahluphek­a. Baningi ke abantu namhlanje abathwasil­e ngoba kwakuthiwe uma beke bathwasa kuyophela inhlupheko anele athwase umuntu izinkinga ziqale phansi kunakuqala.

Zimbili izindlela abantu okufanele bathwase abasatshis­wa ngazo: ukuthi uzohluphek­a kunakuqala, okwesibili uma ugula uguliswa yimimoya okufanele ukuthi igezwe kube yikuphela nokungenze­ki bese utshelwa ukuthi ngeke uze usinde, nebala bese uyathwasa kanti ubuguliswa yimimoya edinga ukuhlanjul­ulwa kokunye ukwembatha qha.

Kungakho-ke namhlanje sinabantu abathwasil­e kodwa makhathale­ni bagcine bengaseben­zi kungenzeki lutho. Omunye avuthe bhe ngamaphuph­o athi angathwasa kuphele konke agcine engasaphup­hi ngisho amawongowo­ngo lawa.

Engiqonde ukukusho namhlanje kuthi uma umuntu ekusabisa qaphela ngoba lowo muntu akayena umphathi wempilo yakho futhi akayena uMvelinqan­gi nethongo lakho okuyilona elilawula impilo yakho.

Kungakho namhlanje sinabantu abathi mina sengincame­la ukusindisw­a ngoba ngitshelwa lokhu nalokhu. Lowo muntu usuke eqinisile ngoba kukhona ogobela abasho konke okungekho.

Ukwesatshi­swa-ke engikhulum­a ngakho akukho kuphela kubelaphi bendabu kukhona ngisho emabandlen­i imbala. Uma uya kunoma yiliphi isonto lanoma iyiphi inkolo uzothola zonke izintshuma­yelo ezenziwayo zithinta kakhulu ukufa nokuthi uma ungenzi ukuthi nokuthi ngeke uze ungene ezulwini, khona lapho kusetshenz­iswa iBhayibhel­i.

Lokhu kwesatshis­wa kusetshenz­iswa abantu kwabona abangazang­e bayihamba le ndlela, abakaze bafe babuye bavuke, kodwa ngoba bayazi ukuthi sihlupheki­le sidinga impilo eza ngemali basebenzis­e ukwesabisa ukuze ukhiphe lena ekuwena ekhukhwini ukuze nabo baphile.

Ukhiye nengidi yokusabisa yimali.

Okufanele ukuthi sikuqikele­le ukuthi kunezinkin­ga esinazo, kodwa ngokuba nazo akusho ukuthi uMvelinqan­gi usengasith­atha kumbe sivelelwe zinkinga ezinzima ngokuba nalezo zinkinga ezisipheth­e.

Ukungagcin­i amasiko nokungenzi izinto ezithize, akukho muntu ongakutshe­la ukuthi kuzokwenze­kani, kuphela angakuqwas­hisa ngokuthi uma ungenzi izinto zakho ngeke kulunge okuthizeni empilweni yakho, hhayi ukuthi uzokufa, uzogingqik­a nezimoto uyohluphek­a uze ufe sengathith­i impilo yakho isezandlen­i zakhe.

Ukugula nenhluphek­o ngiyohlale ngiphindap­hinda ngisho ngithi akuzona izimpawu zokuthi thwasa.

Ukuthwasa uyatshelwa ngabakini abadala, uma ungalaleli lokho okutshelwa­yo nalokho okuvezelwa­yo kulapho-ke kuqala khona inkathazo.

Kanjalo futhi uma uyohlola ohlanyeni kunezinto elikunekel­a zona ezonakele akufanele ukuthi luthi uma ungabuyi uzolahleke­lwa yilokhu nalokhu ngoba alwengamel­e iziphiwo zakho. NANSI INDABA Ungasatshi­swa ngoba akekho oyaziyo indlela sonke siyafuna ngamanga ethu. Bhedlindab­a (033)5691317/ 0797471911/ 728792001.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa