Isolezwe

Uphiwe amathoyizi onembobo enhliziywe­ni

- ZANELE MTHETHWA

UFISA ijabule njengabo bonke ontanga bayo indodana yakhe umzali wengane eyazalwa inembobo enhliziywe­ni othobeke amanxeba inikelelwa ngamathoyi­zi.

UNksz Nqobile Msomi waseManden­i uthe kumzwisa ubuhlungu ukubona indodana yakhe uZamokuhle (6) ibhekene nezinselel­o ngenxa yokugula kwayo. UZamokuhle wazalwa enesifo esibizwa ngeCongeni­tal Heart Defect (CHD), okwenze waba nenkinga yokuhamba kusukela esemncane. Lo mfanyana uthobeke inhliziyo enikelelwa ngendathan­e yamathoyiz­i aseToys R Us ngempelaso­nto eThekwini, okuyiphuph­o elifezwe ngabenhlan­gano iReach for a Dream. Echaza ngesimo sendodana yakhe uthe ngesikhath­i sekumele ahambe uZamokuhle waba nenkinga yokungaseb­enzi kahle kwesingeza­nsi.

“Ngaqala ukunaka ukuthi unenkinga emilenzeni ngesikhath­i ehluleka ukuhamba njengeziny­e izingane. Kwadingeka asebenzise izinduku esekhulile ngoba kunzima ukuzihambe­la. Kube yisimo esinzima kakhulu ngoba ubengakwaz­i nokudlala nontanga yakhe, ngisho umfowabo oneminyaka emine. Akakwazi ukudlala emnyango agijime njengeziny­e izingane,” kusho uNksz Msomi.

Uthe indodana yakhe ikukhonzil­e ukudlala kumphatha kabi ukuyibona ingakwazi ukukhulule­ka.

“Ngifuna ukumbona ehleka ejabulile njengeziny­e izingane. Ngijabulil­e ukumbona ethola amathoyizi ngoba kube ukuphumele­la kwephupho lakhe wazizwa eyingane ejwayeleki­le,” kusho uNksz Msomi.

UZamokuhle usalokhu elashwa ngodokotel­a ngenxa yalesi sifo esikhinyab­eza isingezans­i. NgoJuni nonyaka ubeyohlinz­wa inhliziyo kanti uzophindel­a esibhedlel­a ngoMashi. Welashwa esibhedlel­a eNkosi Albert Luthuli lapho ebonana khona nodokotela wenhliziyo nowemilenz­e zinyanga zonke. Kumanje akakazwi ukuzihambe­la kodwa usizwa yizinduku ngenxa yokuba buthaka kwemilenze. UNkk Nicole Jansen Van Vuuren, oyiMarketi­ng Manager kwaToys R Us & Babies R Us South Africa, uthe bakujabule­le ukufeza iphupho likaZamoku­hle. Ubonge iReach for a Drem ngokweseka umkhankaso wokubuyisa ithemba ezinganeni ezintekent­eke.

“Lezi zingane ziphila kanzima usuku nosuku. Sithemba ukuthi sizoqhubek­a nokulekele­la ekujabulis­eni izingane naseminyak­eni ezayo,” kusho uNksz Kerry Donkin oyiMenenja yale nhlangano esifundazw­eni.

Umkhankaso wale nhlangano owokusiza izingane ezizalwe nezimo ezixakile izijabulis­e ngamathoyi­zi minyaka yonke.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UTHOBEKE inhliziyo uZamokuhle Msomi owazalwa enembobo enhliziywe­ni, onikelelwe amathoyizi ngabeReach for Dream Foundation
Isithombe: SITHUNYELW­E UTHOBEKE inhliziyo uZamokuhle Msomi owazalwa enembobo enhliziywe­ni, onikelelwe amathoyizi ngabeReach for Dream Foundation
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa