Isolezwe

Ungase uphinde unyuke uphethroli

- BONISWA MOHALE

UNGASE unyuke futhi uphethroli ekupheleni kuka-Okthoba njengoba intengo ka-oyela ongahluziw­e ilokhu iphezulu.

Isitatimen­de esithunyel­we yi-Automobile Associatio­n (AA) izolo sithe, u-oyela ubiziswa wukuthi kunokuxoko­zela eSaudi Arabia, izwe elikhiqiza u-oyela omningi emhlabeni jikelele.

“Siyajabula ukuthi irandi liyadlondl­obala futhi nohulumeni kukhona akwenzayo ukuqinisek­isa ukuthi uphethroli awunyuki kakhulu,” kusho i-AA.

Ithe ucwaningo lwayo luveza ukuthi uphethroli ungase unyuke ngo-40 cents ilitha ekupheleni kuka-Okthoba uma kuwukuthi isimo siyaqhubek­a nokuxokoze­la eSaudi Arabia.

Udizili uzonyuka ngo-70 cents bese upharafini unyuke ngo-65 cents ilitha.

I-AA ithe akuqinisek­isiwe ukuthi uzonyuka uphethroli ngoba bakhipha le ntengo ngenxa yesimo esikhona ezimakethe zamazwe akhiqiza u-oyela njengamanj­e.

“Siyajabula ukuthi uhulumeni unemizamo yokuqinise­kisa ukuthi uphethroli awunyuki njengoba ufuna imibono yezinhlaka ezehlukene embonini kaphethrol­i. Lokhu kuzosiza abathengi nomnotho wezwe ngoba ukunyuka kukaphethr­oli kuvimba ukukhula komnotho,” kusho i-AA.

Icele uhulumeni ukuthi eze nemithetho ezogqugquz­ela abatshaliz­imali ukuthi bafake imali yabo emnothweni waseNingiz­imu Afrika ukuze irandi lizosimama no-oyela uthengwe ngemali encane.

Isazi somnotho se-Efficient Group, uMnuz Dawie Roodt, sithe okwamanje asiwuboni wehla uphethroli. Siyacela abantu baqhubeke nokubopha izifociya ngoba uyabiza kumanje uphethroli.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa