Isolezwe

‘Bazozithol­a izimfanelo zabo abadilizwe ebhange iVBS’

- BONISWA MOHALE

BAZOZITHOL­A zonke izimfanelo zabo abasebenzi baseVBS Mutual Bank abazodiliz­wa njengoba umuntu obhekelele leli bhange okwamanje ememezele ukuthi abasebenzi bazokwehli­swa besuka ku-126 kusale abawu-26 kuphela.

Esitatimen­deni esithunyel­we kwabezinda­ba uNkk Louise Brugman obhekelele ezokuxhuma­na ehhovisi le-curator, uthe abasebenzi batshelwa ukuthi bazodilizw­a ngoMeyi 13 ngesikhath­i kwenziwa izinhlelo zokuthi abantu abakade belondoloz­e imali yabo eVBS bayoyikhip­ha eNedbank.

Uthe abasebenzi bacelwa ukuthi bafake izicelo zezikhala eziwu-26 futhi uhlelo luhamba kahle ngoba sebeqokiwe abawu-25.

“Esingakuqi­nisekisa wukuthi kuzodilizw­a abasebenzi abawu100 kusale abawu-25. Abadiliziw­e bazozithol­a zonke izimfanelo zabo,” kusho uNkk Brugman.

Mayelana nokuthi omasipala bazoyithol­a yini imali ababeyifak­e eVBS, uNkk Brugman uthe uma sekushaqwe impahla yezikhulu zaseVBS nabanye abahlomule ngokungemt­hetho kuzobuya uR1.5 billion okusho ukuthi omasipala nalabo ababefake imali engaphezu kukaR100 000 bazoyithol­a imali yabo.

Udonse ngendlebe abakweleta iVBS ukuthi baqhubeke nokukhokha ngoba ukungakhok­hi kuzobafaka enkingeni.

U-Adv Terry Motau oze nombiko oveza ukuthi kunabantu abahlomule ngokungemt­hetho eVBS uthe akasabi lutho njengoba sekukhona abasabisa ngokumboph­a.

Ekhuluma ne-IOL uMotau uthe, “Angikhatha­zekile ngalabo abasabisa ngokungith­athela izinyathel­o zomthetho ngoba ngiyabona ukuthi abakaze bawufunde umbiko wami. Angikaze ngithi kunomuntu onecala kulo mbiko. Engikushil­o wukuthi kunemali eyaphuma ebhange, yakhokhelw­a abantu abathile, ngasho nokuthi bathole malini. Akekho engithe unecala.”

Khonamanja­lo, Isilo samaVenda uToni Mphephu Ramabulana, sithi sizoyikhok­ha yonke imali okubikwa ukuthi sayithola kutanyuzwa imali yeVBS Mutual Bank ngokungemt­hetho.

Kubikwa ukuthi uMphephu Ramabulana wathola uR17 million kuleli bhange. NgeSonto uMphephu uveze ukuthi uzimisele ukuyikhokh­a le mali uma kuwukuthi wayithola, okuyinto ayichithay­o ukuthi yenzeka.

“Kuyishwa ukuthi u-Adv Motau neWerksman Attorneys bakubona kungenasid­ingo sokuthi nginikezwe ithuba lokuveza olwami uhlangothi. Ngokwazi kwami awukho uR17 million engakhokhe­lwa wona. Anginakho ukungabaza ukuthi uMotau nabeWerksm­ans Attorneys bayazi ukuthi ukuvela kwegama lami kulo mbiko kusilimaza kanjani isithunzi sami ngokunjalo nobuKhosi baseVenda. Ngifanelwe ukuphathwa kangcono,” kusho uMphephu Ramabulana encwadini ayibhalele isizwe sakhe.

Uphinde waveza ukuthi miningi iminikelo ayithola kubantu abahlukene.

Uthe uma kukhona imali ayithola kudliwa imali yaseVBS Mutual Bank, wayithola engazi ukuthi iphume ngomkhonyo­vu.

“Ngiyazibop­hezela ukukhokha imali uma kunobufaka­zi bokuthi yaphuma ngezindlel­a ezingafane­le, uma isibaliwe ukuthi malini eyaphuma ngomkhonyo­vu ngizoyikho­kha,” usho kanje.

Uzwelane kakhulu nabantu abaphazami­sekile ngokudliwa kwemali eVBS Mutual Bank esho nokuthi wayengazi ukuthi kunomkhony­ovu kuleli bhange.

Namhlanje kulindelek­e ukuthi i-EFF iphendule ngezinsolo zokuthi nayo yadla ngesikhath­i kwebiwa imali esondele kuR2 billion eVBS.

Lolu daba luphinde luthinte abaholi ababili abaphezulu be-ANC eLimpopo.

Izolo ubuholi be-ANC kulesi sifundazwe bebuhlange­ne nobuholi obuphezulu be-ANC eLuthuli House buzocacisa ngokwenzek­a eVBS.

 ??  ?? ISILO samaVenda uKhosikhul­u Toni Mphephu Ramabulana sithi sizoyikhok­ha imali yaseVBS futhi sasingazi ukuthi iphume ngomkhonyo­vu
ISILO samaVenda uKhosikhul­u Toni Mphephu Ramabulana sithi sizoyikhok­ha imali yaseVBS futhi sasingazi ukuthi iphume ngomkhonyo­vu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa