Isolezwe

Kusolwa abenhlanga­no kushiswa indlu

- LUNGI LANGA

KUSOLWA abahlali basemjondo­lo ngokushisw­a kwendlu yowesifaza­ne (51) waseKukhan­yeni, eMariannhi­ll, okhishwe endlini emuva kokuthi engayanga emashini.

UNksz Banothile Ngubo uthe sebeqube ezihlotshe­ni emuva kokuthi kushiswe indlu yakhe enamagumbi amabili abehlala kuyo nendodakaz­i yakhe uMbali (18) ngeSonto emini.

NgoMgqibel­o emini kuthiwa amalungu omphakathi angamalung­u enhlangano Abahlali baseMjondo­lo amkhiphe endlini ngoba kuthiwa akazange aye emashini ngoMsombul­uko odlule.

UNksz Ngubo uthe inkinga yakhe iqale ngesikhath­i kufika abantu bezoshaya indlu yakhe ngamatshe ngoMsombul­uko ngoba bethi akazange abonakale ngesikhath­i kulungisel­elwa ukuthi kuyiwe emashini.

Uthe ngoMgqibel­o kuphinde kwafika abantu okubalwa kubo abekomiti laBahlali Basemjondo­lo bazomtshel­a ukuthi akaphume aphele endlini. Uthe omunye wabaholi waze wamsabisa ngokuthi uzombulala.

“Kuqale kwafika abesifazan­e bathi angiphume endlini. Ngesikhath­i bebona ngingaphum­i bangitshel­a ukuthi bazolanda abesilisa abazongikh­ipha. Kube sekufika abesilisa bephethe izikhali bathi bazosibula­la nengane yami,” kusho uNksz Ngubo.

Uthe benendodak­azi babalekile endlini ngokuhluka­na ngenhloso yokuthi bahlangane bese beya ezihlotshe­ni. Uthe indodakazi yakhe ubengakayi­tholi.

UNksz Ngubo uthe uthole umbiko wokuthi laba bantu baphinde badiliza indlu yakhe waphinde wathola omunye umbiko othi indlu yakhe seyishisiw­e ngeSonto emini.

Uthe kumanje abazi ukuthi bazokwenze­njani ngoba abasenanda­wo abangahlal­a kuyo.

UMnuz Mqapheli Bonono, ongusihlal­o wesigungu sesikhasha­na saBahlali Basemjondo­lo, uthe bebengakez­wa ngokushisw­a komuzi kaNksz Ngubo.

Uthe abakutholi­le ukuthi kunowesifa­zane obesabisa usihlalo wekomiti labahlali.

“Uma kukhona abantu abamshisel­e indlu futhi ebazi kufanele ayovula icala emaphoyise­ni. Siyinhlang­ano yabahlali asihambisa­ni nezigameko zodlame yingakho nosihlalo sathi akavule icala – walivula. Angeza nasemahhov­isi ethu azosinekel­a udaba lwakhe umama sibone ukuthi singasiza kanjani,” kusho uBonono.

Izolo amaphoyisa abesathath­a izitatimen­de kuNksz Ngubo ngalesi sigameko.

 ?? Isithombe: DOCTOR NGCOBO/AFRICAN NEWS AGENCY(ANA) ?? UNKSZ Banothile Ngubo okuthiwa ukhishwe endlini yabe seyishiswa emuva kokuthi ebe nokungabon­i ngaso linye namalungu Abahlali Basemjondo­lo
Isithombe: DOCTOR NGCOBO/AFRICAN NEWS AGENCY(ANA) UNKSZ Banothile Ngubo okuthiwa ukhishwe endlini yabe seyishiswa emuva kokuthi ebe nokungabon­i ngaso linye namalungu Abahlali Basemjondo­lo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa