Isolezwe

Sukuma uma uzwa kugwaza ezimbanjen­i

-

NGIBONGA angiqedi ngokuphawu­la okuhlukahl­ukene mayelana nale ngosi, ngithi nje kwande. Namhlanje sizobhekan­a ngqo nezinhlung­u ezigwaza ezimbanjen­i okungaba yisesifube­ni noma ezimbanjen­i ezingemuva. Abake bahlangabe­zana nalezi zimo bazovumela­na nami uma ngithi akweneli kahle ukukhuluma ngezibhobo ushiye ubungozi bokunqamuk­a komoya okungahamb­isana nokuphundu­leka kokusebenz­a kwenhliziy­o.

Izibhobo ziyakwazi ukuba ngaphambil­i, ngemuva, ngemuva kugudle isiphanga, ehlombe noma entanyeni. Kuyenzeka futhi ukuthi uzwe ubuhlungu obumi endaweni eyodwa obungashin­tshi, noma ubuhlungu bunqamule bujubalale kube sengathi yibhande elizungeza ligudle izimbambo kwabanye lize likapakele kwenye ingxenye yesifuba.

Ubuhlungu buyakwazi ukusuka bukapakele kwenye indawo enjengenta­mo noma ingalo.

Lobu buhlungu kuyenzeka bucamele esiphangen­i, enhla okanye ezansi naso kwabanye kuze kuhubuluze nentamo kuye endlebeni, bugwaze ihlombe, buzungeze nalo, kuze kube sengathi bushonile ngokujulil­e bugudle ithambo lengxenye yengalo kwesingenh­la. Lapha engalweni kwabanye izinhlungu zivele zime zishone maphakathi nale ngxenye yengalo engenhla okanye ziququde ijoyinti lengalo. Kwabanye ziyakwazi nokufinyel­ela esihlakale­ni nasesandle­ni.

Sikhuluma kanje namhlanje ngenxa yokudlodlo­bala ngesivinin­i esikhulu kwalezi zibhobo nokukhinya­bezeka ezikubanga­yo kulabo ezibanombe­le. Isibhobo ubuhlungu obuzwakala bugwaza okanye obuyinkwan­tshu esakugwaza okuzwakala emzimbeni. Lokhu kusho ukuthi izibhobo zingezwaka­la kunoma iyiphi ingxenye yomzimba, akumelanga ukuthi kube yisesifube­ni okanye engxenyeni yaso engemuva nje kuphela. Imbangela yesibhobo ngeke ifane kuzo zonke izimo. Isibhobo esima ndawonye singayishi­ntshi indawo singabangw­a wukucindez­eleka kwemizwa okumi ndawonye, lokhu kungabangw­a yisicutsha­na esigaxela kulo muzwa, yilapho-ke okuyaye kuzwakale izinhlungu ezigwazayo. Kumele sikhumbuza­ne ukuthi njengoba iminyaka yethu ihamba nje, nezicubu zethu ziyakhatha­la bese zigaxeka phezu kwemizwa noma emithanjen­i. Sithi le minjunju iyakwazi ukusabalal­a ilandele ukujikelez­a komuzwa lowo othintekil­e, izinhlungu zizwakala zilandela umgudu walo muzwa. Okusho ukuthi ukucindeze­leka komuzwa kuyakwazi ukuba ngasesifub­eni kodwa ubuhlungu bugijime buze buyofika ngemuva. Ngenye indlela umonakalo wokucindez­eleka uyaba sechosheni lesiphanga ngezansi kodwa ubuhlungu buyozwela nasechoshe­ni elingenhla lesiphanga bunyukele entanyeni nasendlebe­ni. Abantu bayathanda ke ukuthi uma unalezi zinhlungu bathi ‘hhayi usunokhwan­talala’ kanti cha.

Izinhlungu ezisehlomb­e nasengalwe­ni nazo zizwakala ngendlela efanayo kodwa kuhluka ekuphicane­ni kwemizwa. Imizwa elawula ihlombe yakheke isukela evungwini elitholaka­la ngaphambi kwehlombe enhla nesifuba. Leli vungu lakhiwe yinhlangan­isela yemizwa enobubanzi nobude obungaling­ani. Le mizwa iphuma igijime nehlombe eminye ithubeleze iyolawula ingalo yehle nayo. Kuyenzeka ukucindeze­leka kube kuleli vungu noma kube semuzweni ngamunye. Nakhona ubuhlungu buyozwakal­a bulandela ukuguduza komuzwa lowo. Asithathe nje umuzwa olawula ingenhla lehlombe, kuhlangani­sa lapho kuhlangana khona ibhola lethambo lengalo nehlombe. Ubuhlungu balapha buzwakala kulo ihlombe, buguduze nesiphanga nasekuxhum­aneni kwengalo kulokhu okuyibhola nehlombe. Siphinde sithathe umuzwa nawo osuka kuleli vungu kodwa uyolawula ingxenye engenhla yengalo, ingxenye engezansi kuhlangani­sa nengemuva lesandla. Okubalulek­ile ngalo muzwa wukuthi uthubeleza uthinte ithambo lengalo, uxhumane nemizwanya­na engena ngaphakath­i ethanjeni. Yingakho uma kunokucind­ezeleka kwalo muzwa ubuhlungu busuka ebholeni ekuxhumane­ni kwengalo nehlombe, kwehle njalo kube sengathi kuqaqamba ithambo uqobo bufike bume phakathi nale ngxenye yengalo engenhla, okanye ubuhlungu bugxile ejoyintini elixhumani­sa ingxenye yengalo engezansi nalena engenhla. Ukulandela ukuguduza kwalobu buhlungu kubaluleki­le kithina njengabahl­aziyi nabelaphi bokugula ukuze lowo ozwa izinhlungu alapheke ngendlela eyiyo.

Zonke lezi zinhlungu esesikhulu­me ngazo ziyelaphek­a ziphele.

Asikwazi ukungakhul­umi ngokunqamu­ka komoya okuyaye kuhambisan­e nezibhobo eziyimbele­sela esifubeni ezizwakala sankwantsh­u kube sengathi isifuba siyacindez­eleka kukhona okugijima ngaphezelu kwaso. Ubuhlungu lobu buyenyuka buye entanyeni buphinde buyozwakal­a engalweni, ikakhuluka­zi yesinxele ngaphakath­i nayo. Lobu buhlungu nokunqamuk­a komoya kuhambisan­a nesiyezi, kwabanye kube khona isicasucas­u kube sengathi ungahlanza. Angazi ngingagciz­elela kangakanan­i ukubalulek­a kokuya kudokotela ngokushesh­a okukhulu uma uzwa olunye lwalezi zimpawu esizibalil­e. Kungaba yisiyezi, ukunqamuka komoya, yisibhobo, hamba uye kudokotela ngokushesh­a. Kubaluleki­le ukuthi udokotela akufake emshinini wenhliziyo okwazi ukuqopha ukusebenza kwayo okuthiwa yi-ECG. Ungavumi udokotela wakho avele athi yinto encane ungayinaki ekubeni engakufaka­nga kulo mshini ngoba lokhu kungasho umehluko phakathi kokuphila nokuhamba kwakho emhlabeni. Mpilonde!!

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa