Sukuma uma uzwa kugwaza ezimbanjeni
NGIBONGA angiqedi ngokuphawula okuhlukahlukene mayelana nale ngosi, ngithi nje kwande. Namhlanje sizobhekana ngqo nezinhlungu ezigwaza ezimbanjeni okungaba yisesifubeni noma ezimbanjeni ezingemuva. Abake bahlangabezana nalezi zimo bazovumelana nami uma ngithi akweneli kahle ukukhuluma ngezibhobo ushiye ubungozi bokunqamuka komoya okungahambisana nokuphunduleka kokusebenza kwenhliziyo.
Izibhobo ziyakwazi ukuba ngaphambili, ngemuva, ngemuva kugudle isiphanga, ehlombe noma entanyeni. Kuyenzeka futhi ukuthi uzwe ubuhlungu obumi endaweni eyodwa obungashintshi, noma ubuhlungu bunqamule bujubalale kube sengathi yibhande elizungeza ligudle izimbambo kwabanye lize likapakele kwenye ingxenye yesifuba.
Ubuhlungu buyakwazi ukusuka bukapakele kwenye indawo enjengentamo noma ingalo.
Lobu buhlungu kuyenzeka bucamele esiphangeni, enhla okanye ezansi naso kwabanye kuze kuhubuluze nentamo kuye endlebeni, bugwaze ihlombe, buzungeze nalo, kuze kube sengathi bushonile ngokujulile bugudle ithambo lengxenye yengalo kwesingenhla. Lapha engalweni kwabanye izinhlungu zivele zime zishone maphakathi nale ngxenye yengalo engenhla okanye ziququde ijoyinti lengalo. Kwabanye ziyakwazi nokufinyelela esihlakaleni nasesandleni.
Sikhuluma kanje namhlanje ngenxa yokudlodlobala ngesivinini esikhulu kwalezi zibhobo nokukhinyabezeka ezikubangayo kulabo ezibanombele. Isibhobo ubuhlungu obuzwakala bugwaza okanye obuyinkwantshu esakugwaza okuzwakala emzimbeni. Lokhu kusho ukuthi izibhobo zingezwakala kunoma iyiphi ingxenye yomzimba, akumelanga ukuthi kube yisesifubeni okanye engxenyeni yaso engemuva nje kuphela. Imbangela yesibhobo ngeke ifane kuzo zonke izimo. Isibhobo esima ndawonye singayishintshi indawo singabangwa wukucindezeleka kwemizwa okumi ndawonye, lokhu kungabangwa yisicutshana esigaxela kulo muzwa, yilapho-ke okuyaye kuzwakale izinhlungu ezigwazayo. Kumele sikhumbuzane ukuthi njengoba iminyaka yethu ihamba nje, nezicubu zethu ziyakhathala bese zigaxeka phezu kwemizwa noma emithanjeni. Sithi le minjunju iyakwazi ukusabalala ilandele ukujikeleza komuzwa lowo othintekile, izinhlungu zizwakala zilandela umgudu walo muzwa. Okusho ukuthi ukucindezeleka komuzwa kuyakwazi ukuba ngasesifubeni kodwa ubuhlungu bugijime buze buyofika ngemuva. Ngenye indlela umonakalo wokucindezeleka uyaba sechosheni lesiphanga ngezansi kodwa ubuhlungu buyozwela nasechosheni elingenhla lesiphanga bunyukele entanyeni nasendlebeni. Abantu bayathanda ke ukuthi uma unalezi zinhlungu bathi ‘hhayi usunokhwantalala’ kanti cha.
Izinhlungu ezisehlombe nasengalweni nazo zizwakala ngendlela efanayo kodwa kuhluka ekuphicaneni kwemizwa. Imizwa elawula ihlombe yakheke isukela evungwini elitholakala ngaphambi kwehlombe enhla nesifuba. Leli vungu lakhiwe yinhlanganisela yemizwa enobubanzi nobude obungalingani. Le mizwa iphuma igijime nehlombe eminye ithubeleze iyolawula ingalo yehle nayo. Kuyenzeka ukucindezeleka kube kuleli vungu noma kube semuzweni ngamunye. Nakhona ubuhlungu buyozwakala bulandela ukuguduza komuzwa lowo. Asithathe nje umuzwa olawula ingenhla lehlombe, kuhlanganisa lapho kuhlangana khona ibhola lethambo lengalo nehlombe. Ubuhlungu balapha buzwakala kulo ihlombe, buguduze nesiphanga nasekuxhumaneni kwengalo kulokhu okuyibhola nehlombe. Siphinde sithathe umuzwa nawo osuka kuleli vungu kodwa uyolawula ingxenye engenhla yengalo, ingxenye engezansi kuhlanganisa nengemuva lesandla. Okubalulekile ngalo muzwa wukuthi uthubeleza uthinte ithambo lengalo, uxhumane nemizwanyana engena ngaphakathi ethanjeni. Yingakho uma kunokucindezeleka kwalo muzwa ubuhlungu busuka ebholeni ekuxhumaneni kwengalo nehlombe, kwehle njalo kube sengathi kuqaqamba ithambo uqobo bufike bume phakathi nale ngxenye yengalo engenhla, okanye ubuhlungu bugxile ejoyintini elixhumanisa ingxenye yengalo engezansi nalena engenhla. Ukulandela ukuguduza kwalobu buhlungu kubalulekile kithina njengabahlaziyi nabelaphi bokugula ukuze lowo ozwa izinhlungu alapheke ngendlela eyiyo.
Zonke lezi zinhlungu esesikhulume ngazo ziyelapheka ziphele.
Asikwazi ukungakhulumi ngokunqamuka komoya okuyaye kuhambisane nezibhobo eziyimbelesela esifubeni ezizwakala sankwantshu kube sengathi isifuba siyacindezeleka kukhona okugijima ngaphezelu kwaso. Ubuhlungu lobu buyenyuka buye entanyeni buphinde buyozwakala engalweni, ikakhulukazi yesinxele ngaphakathi nayo. Lobu buhlungu nokunqamuka komoya kuhambisana nesiyezi, kwabanye kube khona isicasucasu kube sengathi ungahlanza. Angazi ngingagcizelela kangakanani ukubaluleka kokuya kudokotela ngokushesha okukhulu uma uzwa olunye lwalezi zimpawu esizibalile. Kungaba yisiyezi, ukunqamuka komoya, yisibhobo, hamba uye kudokotela ngokushesha. Kubalulekile ukuthi udokotela akufake emshinini wenhliziyo okwazi ukuqopha ukusebenza kwayo okuthiwa yi-ECG. Ungavumi udokotela wakho avele athi yinto encane ungayinaki ekubeni engakufakanga kulo mshini ngoba lokhu kungasho umehluko phakathi kokuphila nokuhamba kwakho emhlabeni. Mpilonde!!