Isolezwe

Abantu babulawa yizinso kungafanel­e - ucwaningo

- INTATHELI YESOLEZWE

ONGOTI abelapha izifo ezithikame­za ukusebenza kwezinso bathi lezi zifo zingagweme­ka uma abantu bezinakeke­la ngendlela.

Ngokwenhla­ngano egqugquzel­a ukunakekel­wa kwezinso, iNational Kidney Foundation (NKF), bangu-10% abantu abanenking­a yezinso emhlabeni. Bathi izinkinga zezinso zivame ukudalwa wumfutho wegazi ophezulu nesifo sikashukel­a - okungagwem­eka.

Ngokweziba­lo zeNKF kukholakal­a ukuthi izinkinga zezinso zimandla kakhulu kubantu abamnyama ngenxa yomfutho ophezulu wegazi nesifo sikashukel­a – okuyizifo ezingashes­he zivikelwe noma zithithiba­liswe uma zisheshe zatholakal­a.

Le nhlangano iveze ukuthi cishe u-70% kuya ku-80% wezinkinga zezinso nezenhlizi­yo ziholela ekufeni kwabantu kungafanel­e.

UNkk Adeera Levin obengumeng­ameli wenhlangan­o yongoti bokulashwa kwezifo ezithikame­za izinso, i-Internatio­nal Society of Nephrology, uthe izinkinga zezinso zihaqe abantu abangu-850 million emhlabeni nokuyisiba­lo esiphindwe kabili uma kuqhathani­swa nezibalo zabantu abanesifo sikashukel­a emhlabeni wonke.

“Lokhu kukhombisa ukuthi lesi sifo sesidlebel­ekile,” kusho uNkk Levin.

Ucwaningo lwakwamuva lona kukhombisa ukuthi zinyukile izibalo zabantu abangenwa ngumdlavuz­a wezinso.

Kukholakal­a ukuthi umdlavuza wezinso udalwa yizinto ezahlukene okubalwa kuzo ukukhula, ukubhema, umfutho ophezulu wegazi, ukukhuluph­ala ngokweqile nokungadli ngendlela efanele.

Umdlavuza wezinso ungalashwa ngokuhlinz­wa. Isibhedlel­a esibhekele ukwelapha izinkinga zezinso esisePitol­i i-Urology Hospital ngezinye zezindawo ezinezinhl­elo eziningi ezibucayi ezibhekele ukulapha izifo ezithikame­za izinso.

UDkt Craig Mamitele wasesibhed­lela i-Urology uthe mkhulu umsebenzi owenziwa yizinso emzimbeni, kuyona okubalwa ukuhlanza igazi, ukususa ukungcola emzimbeni nokuqinise­kisa ukuthi kunoketshe­zi olwenele emzimbeni.

Uthe ezinye zezimpawu ezikhombis­a umdlavuza wezinso ukubakhona kwegazi emchameni, ubuhlungu esinyeni, ukungakufu­ni ukudla, ukuncipha ungazelele, imfiva, ukulahleke­lwa yigazi nokukhatha­la kakhulu.

Uthe kokunye umdlavuza ungangeziv­eza izimpawu.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa