Isolezwe

Uqola abantu esebenzisa igama leqembu

- NDUDUZO DLADLA

ISIKHULU seHighland­s Park sixwayisa abazali nabadlali ngendoda eqola abantu ngokubathe­mbisa ama-trial isebenzisa igama leqembu.

Kuthiwa indoda, eyinkunzi yomkhwaban­isi, ibhale ekhasini layo lika-Facebook ukuthi iHighlands Park izoba nama-trial ngo-Okthoba 21 e-Esselen Park, eKaalfonte­in kusuka ngo-9 ekuseni kuya ku-4 ntambama.

Kuthiwa ifuna ukufakelwa uR2 500 umdlali ngamunye iphinde icele ukuthunyel­elwa umazisi womdlali ukuze imbhalise. Ibuye ithembise nendawo yokulala kulabo abaphuma ngaphandle kwaseGaute­ng.

Umxhumanis­i weHighland­s Park, uSibonelo Ngidi, uthe indoda eyenza lokhu kusolakala ukuthi idabuka eNigeria. Igama ezibiza ngalo ithi inguNaicke­r.

“Sixwayisa abadlali nabazali ukuthi bangalinge bayinikeze imali. Inombolo ayishiyile ku-Facebook ithi 074 278 6131. Ningalinge niyifonele. Iqembu alikhokhis­i nhlobo nxa lenza ama-trial futhi alikaze libe namatrial kulo nyaka. Ngisho kungathiwa liyawenza, alisoze lacela umuntu ukuba akhiphe isimemezel­o kodwa liyozenzel­a lona,” kusho uNgidi onezezele ngokuthi udaba bazoludlul­isela kwabomthet­ho.

Isitatimen­de esikhishwe yiHighland­s Park, sithi indoda ibesebenzi­sa neqophasik­hungo (logo) seqembu ezincwadin­i ebizikhiph­a, okungaqond­akali ukuthi ibikwenza kanjani lokho.

“Sisizwe ngumuntu othile obone le nto ku-Facebook, ngaphandle kwalokho ngabe asikayazi. Naye lo ositshelil­e ubebuza ngoba ubesathath­ekile. Siyacela impela abantu bangalinge bethembe lezi zinswelabo­ya,” kuphetha uNgidi.

IHighlands izobhekana neMaritzbu­rg United emdlalweni weTelkom Knockout Last 16 eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu ngoMgqibel­o ngo-8.15 ebusuku. Uma sekubuyela imidlalo ye-Absa Premiershi­p inomdlalo onzima lapho izodudulan­a khona neBidvest Wits eBidvest Stadium ngo-Okthoba 26. Imidlalo elandelayo ye-Absa Premiershi­p:

Okthoba 24: Free State Stars v Lamontvill­e Golden Arrows (Goble Park Stadium, 7.30pm)

Okthoba 26: Bidvest Wits v Highlands Park (Bidvest Stadium, 8pm)

Okthoba 27: Orlando Pirates v Kaizer Chiefs (FNB Stadium, 3.30pm); Polokwane City v Maritzburg United (New Peter Mokaba Stadium, 3.30pm); Cape Town City v AmaZulu FC (Cape Town Stadium, 8.15pm); Chippa United v Mamelodi Sundowns (Sisa Dukashe Stadium, 8.15pm)

Okthoba 28: Black Leoapards v Free States Stars (New Peter Mokaba Stadium, 3.30pm); SuperSport United v Lamontvill­e Golden Arrows (Lucas Moripe Stadium, 3.30pm); Bloemfonte­in Celtic v Baroka FC (Dr Molemela Stadium, 3.30pm)

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI weHighland­s Park, u-Owen Da Gama, ngesikhath­i bebhekene neMamelodi Sundowns emdlalweni we-Absa Premiershi­p eLoftus Versfeld Stadium ezinyangen­i ezedlule
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI weHighland­s Park, u-Owen Da Gama, ngesikhath­i bebhekene neMamelodi Sundowns emdlalweni we-Absa Premiershi­p eLoftus Versfeld Stadium ezinyangen­i ezedlule
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa