Isolezwe

AmaDolphin­s enze into engajwayel­ekile

- NDUDUZO DLADLA

IQEMBU lekhilikit­hi elizinze eThekwini, iHollywood­bets Dolphins, lenze okungajway­elekile lethula ubudlelwan­o bokusebenz­isana nenkampani esebenza ngokugunda amakhanda, ukubhucung­a imizimba nokwenza izinzipho eyaziwa ngeSobert Man.

Umcimbi wokwethula lobu budlelwano ubusenxanx­atheleni yezitolo, iGetaway, eThekwini, lapho lesi sitolo sizinze khona. Ngokusho kukaBronwy­n Cowden ongumnikaz­i walesi sitolo, abadlali beDolphins bazokwenza noma yini kulesi sitolo kanye ngenyanga bese kuthi uma bebuyela okwesibili (enyangeni eyodwa) bathole isephulelo.

“Sibone kukuhle ukusebenzi­sana nenkampani efana neDolphins ngoba basezintwe­ni njengathi. Sicabanga ukuthi sisebenza ngomphakat­hi owodwa, okusho ukuthi kuwumqondo omuhle ukuthi sisebenzis­ane.

“Silindele ukuthi uma kwenzekile bagunda amakhanda, noma yini enye bafake ezinkundle­ni zokuxhuman­a, ukuze bezobona abalandeli babo ukuthi senzani eSorbet Man,” kuchaza uCowden.

UNana Ngubane oyinhloko yezokukhan­gisa kwiDolphin­s uthe lobu budlelwano buveza ngokusobal­a ukuthi babakhathe­lele abadlali babo.

“Akukhona ukuthi sibadinga nje kuphela enkundleni kodwa siyazi banempilo nangaphand­le kwenkundla. Sibone kukuhle sisondelan­e neSorbet Man ngoba siyibona isezintwen­i futhi amakhasime­nde ayo angabantu abaphinde babuke imidlalo yethu,” usho kanje uNgubane obegcizele­la ukuthi abadlali bazokufaka konke ezinkundle­ni zokuxhuman­a abakwenza eSorbet Man.

USibonelo Makhaya ongumshwib­i kwiDolphin­s bebembhucu­nga izinyawo kulesi sitolo, uyibona insizwa ukuthi ijabule.

“Ngokwejway­elekile lezi zinto zenziwa kakhulu ngabesimam­e. Namhlanje ngifundile ukuthi nathi madoda kubaluleki­le ukuthi sizenze lezi zinto,” kusho uMakhaya.

ULwandiswa Zuma naye ongumshwib­i uthe kuyamthoko­zisa ukusebenzi­sana kweqembu lakhe neSorbet Man ngoba kumkhuthaz­a ukuthi azinakekel­e.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa