Isolezwe

UVruu Pha ubona engayixazu­lula eyamagoli

- NDUDUZO DLADLA

UFUNA ukuhlohla amagoli awu-15 kwiMultiCh­oice Diski Challenge (MDC), uSiyanda “Vruu Pha” Masango ogijimela iFree State Stars.

Ngokusho kwalo mgadli, oneminyaka ewu-21 odabuka eMooi River eMpofana, angaba yimpendulo endlaleni yamagoli eNingizimu Afrika njengoba ngisho nesigaba esiphezulu i-Absa Premiershi­p, abagadli bayo bayehlulek­a ukufika emagolini awu-15.

Njengamanj­e uMasango useshaye amagoli amathathu kwiMDC, wakha elilodwa. Ugqamile nasemdlalw­eni wezakhe neKaizer Chiefs, eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont, eshaya igoli lesibili kulo mdlalo. Umdlalo uphele ngo 2-2.

“Ngifuna ukushaya amagoli awu-15. Ngibona kungenzeka uma ngizimisel­e futhi ngisebenza kanzima. Ngifuna kuphele unyaka ozayo sengithole inkontilek­a neqembu elikhulu kwiStars ngoba ngifuna ukudlala kwiAbsa Premiershi­p,” usho kanje uMasango.

Phakathi kwamaqembu awagijimel­ile yiReal Kings edlala kwiNationa­l First Division (NFD) neBlack Leopards ashiye kuyona ngasekuqal­eni konyaka.

“Ngichazeka kakhulu uma ngibona uPercy Tau edlala. Indlela ahlakaniph­e ngayo, ukuhlukume­za izitobha, ukushaya kwakhe amagoli ikona okwenza ngibukele kuyena,” kubeka uMasango.

Lo mdlalo uqedele u-matric wakhe eDabulaman­zi Combined ngo-2014.

Ebuzwa ukuthi iliphi iqembu alibona lizokhala lemuke nesicoco seMDC, uMasango uthe: “Ngisola ukuthi iCape Town City izosithath­a. Indlela abadlala ngayo ayikholaka­li. Ngikhuluma nawe nje, baqhwakele kwi-log, futhi basishaya nathi ngo 2-0.”

UDuncan Lechesa uyena opheka iStars kwiMDC. UMasango uthe okunye okumenza abe sefomini ukusebenzi­sana nalo mqeqeshi ongumakade­bona.

“Ungumqeqes­hi osezingeni eliphezulu kakhulu. Kwesinye isikhathi uyaye angithethi­se kodwa lokho akungidiki­balisi ngoba usuke efuna ngenze kangcono. Isikhathi esiningi ukhuluma nami, lokho okungenza ngizethemb­e bese ngidlala kahle,” kusho uMasango.

 ??  ?? SIYANDA ‘VRUU PHA’ MASANGO
SIYANDA ‘VRUU PHA’ MASANGO

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa