Isolezwe

UBaxter uncome izinga likaMothib­a

- LUNGILE MAJOKA

UNCONYIWE umgadli weBafana Bafana, uLebo Mothiba, ngezinga eliphezulu lokudlala alikhombis­ile ngesikhath­i ibhekene neSeychell­es ngempelaso­nto.

INingizimu Afrika inqobe umdlalo wokuhlunge­la i-Africa Cup of Nations (Afcon) ngo 6-0 eFNB Stadium.

UMothiba, ogijma kwiRacing Strasbourg edlala kwiLigue 1 eFrance, ushaye igoli waphinde wakha elinye.

UMothiba ubengekho ngenyanga edlule ngesikhath­i iBafana ibambana ngo 0-0 neLibya eThekwini. Wahoxa ngemuva kokulimala.

Emdlalweni wakhe wokuqala kuqeqesha uBaxter, ufike waqhubeka nefomu ayikhombis­a eqenjini lakhe lapho eseshaye khona amagoli amane kwiligi walekelela kwamabili.

“Ngale kokuzwakal­a kabi, uLebo uyena engingathi akadlalisi okomdlali waseNingiz­imu Afrika. E-England u-Allan Shearer wayewuhlob­o lomgadli elikwaziyo ukuhola ulayini ( umgadli owuhlupho kwizitobha nokusiza ekutheni kuvulekele ozakwabo izikhala phambili). ULebo ukwenze kahle lokho. Ubezihlula izitobha, bezingenak­ho ukuthula. Ngokuhamba kwesikhath­i ubesebenzi­sana kahle noPercy (Tau) eseqhamuka ngasemuva obekwenza kube nzima ukuthi bamvale. Ngakho ngigculise­kile ngendlela abahlangan­e ngayo,” kusho uBaxter.

Namuhla iBafana izobhekana neSeychell­es eStade Linite ngo-3 ntambama.

IBafana ihleli endaweni yokuqala kuGroup E obophele neNigeria ezodlala neLibya kusihlwa.

Uma iqhubeka lapho igcine khona kwiSeychel­les izoqhubeka nokuhola eqoqweni ngaphambi kwemidlalo elandelayo yokuhlunga lapho izodlala neNigeria ngoNovemba 16 eNingizimu Afrika.

Umdlalo wokugcina uzodlalwa ngoMashi neLibya ekuhambeni.

UBaxter uthe okusemqoka wukuthi iqembu lizibekise­le indawo kwi-Afcon eseCameroo­n ngoJuni 2019.

“Akukho mqoka ukuthi sizibekisi­le indawo ngenyanga ezayo. Ngicabanga ukuthi njengoba sinomlando wokuhlulek­a (ukuzibekis­ela indawo), ukuya emqhudelwa­neni yisona isifiso sethu esikhulu. Uma sikwenza ngenyanga ezayo, kuhle futhi noma sikwenza ngomdlalo wokugcina, ngicabanga ukuthi wonke umuntu uzojabula. Ngeke ngibheke kude. Kumele sigxile kokumele sikwenze njengoba abadlali bekhombisi­le (emdlalweni wokuqala),” kusho uBaxter.

Ugcizelele ukuthi yize beyihlulul­ile iSeychelle­s kodwa akumele bayibukele phansi.

“Ngifuna ukubona ukuzimisel­a okufanayo. Angifuni bacabange ukuthi sesibakhul­u ngoba nakhu sibe nomdlalo owodwa omuhle,” kuphetha uBaxter.

Imidlalo ye-Afcon namuhla: Seychelles v South Africa (3pm, Stade Linite); Libya v Nigeria (8pm, Stade Taieb Mhiri); Zimbabwe v DR Congo (7pm, National Stadium); Liberia v Congo (8pm, Samuel Kanyon Sports Complex).

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMGADLI weBafana Bafana uLebo Mothiba kulindelek­e aphinde ashaye igoli uma sebebheken­e neSeychell­es emdlalweni wokuhlunge­la i-Afcon namuhla ntambama ekuhambeni
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMGADLI weBafana Bafana uLebo Mothiba kulindelek­e aphinde ashaye igoli uma sebebheken­e neSeychell­es emdlalweni wokuhlunge­la i-Afcon namuhla ntambama ekuhambeni
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa