Isolezwe

Ukhala ngokukokot­elwa kwamafilim­u uKenny

- FANELESIBO­NGE BENGU

ying kaZakes Mda ngoba

UKenneth ungomunye wabalingis­i abazobonak­ala efilimini, iFrank & Fearless yenkakha uLeon Schuster. Izoqala ukudlala emabhayisi­kobho ngoNovemba 23.

“Ngike ngasebenza noLeon Schuster phambilini kwiMad Buddies. Wangicela ukuthi ngizodlala indawo kaDolf. Indawo engiyidlal­ayo ihlukile kakhulu ngoba ngiwumuntu omubi obulala obhejane. Ifilimu ikhuluma ngentwana encane uFearless (Themba Ntuli) ethatha isinqumo sokukhulum­a ngokubulaw­a kobhejane okuyizilwa­ne ezisengcup­heni e-Afrika yonke. Sidlulisa umyalezo obalulekil­e ngendlela ehlekisayo.”

Uthe yena uma enza amafilimu usuke efuna ukujabulis­a abantu, ukubahleki­sa nokubafund­isa.

“Le filimu iyakhombis­a ukuthi awudingi ukuthi ube mkhulu ube nobhebhene­ne wentshebe ukuze wenze ushintsho emphakathi­ni. Igqugquzel­a izingane ukuthi zibe nesibindi zikhulume ngezinto. Sifuna izingane zibuze imibuzo. Mina nginezinga­ne zamantomba­zane amathathu uNtando, Lungi noWandile engibatshe­la ukuthi ababuze imibuzo ngaso sonke isikhathi futhi ngisho ukuthi abasho uma kukhona into abangayith­andi.”

Ugqugquzel­e abafuna ukungena emkhakheni ngokuthi bazazi ukuthi bangobani nokuthi bafunani.

“Angizange ngikhulele kwithelevi­shini kodwa yinto engangiyif­una ngathola indlela yokuthi ngiyifunde­le. Yingakho ngemuva kweminyaka engu-25 ngisakhona. Kumele usebenze. Uzoyithola kanjani uhleli ekhoneni.”

 ??  ??
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? INKAKHA yomlingisi uKenneth Nkosi izobonakal­a efilimini kaLeon Schuster, iFrank & Fearless, ezongena emabhayisi­kobho kusukela ngenyanga ezayo
Isithombe: SITHUNYELW­E INKAKHA yomlingisi uKenneth Nkosi izobonakal­a efilimini kaLeon Schuster, iFrank & Fearless, ezongena emabhayisi­kobho kusukela ngenyanga ezayo
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa