Isolezwe

Ufuna umehluko kwelokupha­sa

- MHLENGI SHANGASE

UFUNA ukunyusa izinga lokuphasa kwa-matric libe ngaphezulu kuka-80% uNgqongqos­he wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Mthandeni Dlungwane.

UDlungwane uthe ezinhlelwe­ni abazenzile kulo nyaka bafuna ukunyusa izinga cishe ngo7% lidlule elangonyak­a odlule elalingu-76%, ukunyusa izinga lokuphasa izifundo ezifana neMaths neSayensi ngo-10% kanjalo nokunyusa izinga labafundi abaphasa ngamabache­lor ngo-10%.

“Siqale ngokunyusa izinga lokuphasa lisuka ku-66.4% ngo-2016 laya ku-76% ngo-2017. Kulo nyaka sifuna ukulinyusa libe ngaphezulu kuka80%,” kusho uDlungwane.

Uthe ngoNovemba nyakenye zonke izincwadi zase zihanjisiw­e ezikoleni.

Uqhube wathi kulo nyaka bafuna ukuqeda ngezikole ezithola phakathi kuka-0% no-10%, nokunyusa isibalo sezikole ezithola u-100% okungenani ngo10%.

“Sibasekile abafundi ngokubafun­disa ngamaholid­i, sibuye sibe nezinhlelo emisakazwe­ni ukuze sibasize. Besifuna ukuthi kufike izivivinyo sebezilung­ele.”

NgoMsombul­uko kubhale abafundi abangu-4273 ababhale ikhompyuth­a.

Bonke abafundi abangu-187 726 ababhala kulo nyaka bazoqala ngephepha lokuqala lesiNgisi ngoLwesibi­li oluzayo.

Kulaba abangu-152 747 babhala ngokugcwel­e kuthi abangu-34 980 babhala ngasese.

Zingu-27 izikhungo zokumaka kanti zingu-1753 izikole okubhalelw­a kuzona kulesi sifundazwe.

Ukumaka kuqala ngoDisemba 3 kuphothulw­e ngoDisemba 14. Angu214 ama-deputy chief markers, angu-1496 amasenior markers abangu-74 ngamachief markers.

Bebonke abazomaka bangu7481 bemaka amaphepha angu-1.9 million.

“Sinezinhle­lo zokuqinise­kisa ukuthi akukotshel­wa,” kusho uDlungwane.

Kulo nyaka kuzobe kuqala ukuthi abafundi babhale iSign Language kanti bangu-23 abazobhala kulesi sifundazwe.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa