Isolezwe

‘Ababedayis­a’ izicubu bazoyohlol­wa ingqondo

- PHILI MJOLI

IZOHLOLWA ukuthi ayiphazami­sekile yini emqondweni inyanga yaseGcilim­a, eMargate, eyabanjwa oqotsheni idayisela iphoyisa izicubu zomuntu izitshela ukuthi liyinyanga.

Inkantolo yeMantshi yaseRamsga­te, ithe uMnuz Sibusiso Phumlani Ngidi (34) noNkk Khanyisile Khusi, ababhekene necala lokudayisa izicubu zabantu nelokubula­la bazoqale bayohlolwa ukuthi abaphazami­sekile yini ekhanda.

Bekulindel­eke ukuthi uNgidi afake isicelo sebheyili kodwa kwangenzek­a ngoba ubezohlang­aniswa noNkk Khusi okusolwa ukuthi ubesizana naye ekwenzeni lawa macala.

UNgidi okuvele ukuthi ubebuye agumbe amathuna athathe izidumbu ezisanda kungcwatsh­wa izolo ubebukeka sengathi udidekile.

Inkantolo ithe ngaphambi kokuthi laba ababili baqhubeke necala kuzomele bayohlolwa ukuthi abaphazami­sekile yini ngokomqond­o, icala labo yalihlehli­sela uLwesibili oluzayo.

Ngaphandle enkantolo umphakathi ubugcwele ufuna ukuzozibon­ela ngamehlo le nyanga okuthiwa seyike yahamba ikhomba amathuna, ethi yawamba yakhipha izidumbu kuwo.

Kuleli qulu ebelingaph­andle bekukhona nomndeni kaMxolisi Langazana (17) owaduka kubo nyakenye wabonakala emzini wale nyanga okukholaka­la ukuthi yambulala.

Umndeni wakhe uthe walivula icala lokulahlek­a kwakhe futhi yazisa amaphoyisa ngemuva kokuthi uthole ukuthi uke wabonakala emzini wale nyanga, kodwa yamlandula emaphoyise­ni. Sekuvele ukuthi inyanga itshele amaphoyisa uthi yambulala. Ugogo omncane kaMxolisi, uNkk Thandeka Khusi uthe bese bemfune baze badela engekho umuntu othi wake wambona kwenye indawo ngaphandle kwasemzini wale nyanga. “Anginalo ithemba lokuthi azotholaka­la amathambo akhe kuleso sigodlo okuthiwa agqitshwa kuso. Kungenzeka iyazisholo nje ukuthi yawagqiba ngoba ibona ukuthi kuzomele ichaze ukuthi izicubu zakhe yazidayise­la bani. Kuyasimang­aza ukuthi namuhla sekuvela nokuthi kunomuntu wesifazane naye owaziwayo emphakathi­ni ebisebenzi­sana naye. Kusho ukuthi bakhona abanye esisazozwa kuthiwa bayabandak­anyeka kulo mkhuba njengoba kuvela ukuthi bangaphezu­lu kwababili abantu ebebeseben­za nayo,” kusho yena.

 ??  ??
 ?? Isithombe: NQOBILE MBONAMBI/AFRICAN NEWS AGENCY(ANA) ?? INYANGA yaseGcilim­a, eMargate, uMnuz Sibusiso Phumlani Ngidi noNkk Khanyisile Khusi ababhekene necala lokutholak­ala nezicubu zomuntu kanye nelokubula­la, enkantolo yeMantshi iRamsgate, izolo
Isithombe: NQOBILE MBONAMBI/AFRICAN NEWS AGENCY(ANA) INYANGA yaseGcilim­a, eMargate, uMnuz Sibusiso Phumlani Ngidi noNkk Khanyisile Khusi ababhekene necala lokutholak­ala nezicubu zomuntu kanye nelokubula­la, enkantolo yeMantshi iRamsgate, izolo
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa