Isolezwe

Abaqamba amanga ababaniki ukuthula abafela inkululeko

-

MHLELI: Njengoba silokhu siqhela osukwini esilubiza ngo-Uhuru futhi isizukulwa­ne sikaMnuz Nelson Mandela sihamba siya kobabamkhu­lu, sizokhohlw­a amagazi alabo achelela isihlahla senkululek­o. Yileli gazi esilichame­layo njengoba silalela isithangam­i seJaji Raymond Zondo sokulawulw­a koMbuso yidlanzana.

Ngihlala osibeni ngoba ngicubungu­la indlela yayizolo yokuzabala­za neyamanje. Ake ngikhe phezulu emlandweni wenkululek­o bese ngibuza umbuzo. OMnuz Harry Gwala, Bafana Duma, uJaji Albert “Albie” Sachs noMfundisi Richard Lapsey umzabalazo wabashiya bengenazan­dla noma zingasaseb­enzi. UMnuz Sicelo Mhlauli wafihlwa engenaso isandla ngoba basinquma abacindeze­li besatshisw­a ngaso njengoMnuz Fezile Madoda Jacobs. Ubudoda bukaMnuz Zenzile May babekwa eshalofini ebe emile bese ishalofu livalwa ngesankahl­u.

UMnuz Mlungisi Griffiths Mxenge bamgwaza amanxeba abalelwa ku-35 ngoba wayelwa.

UMnuz Msizeni Shadrack Maphumulo bambulala base begcina isidumbu sakhe, bamfaka noNksz Grace Cele noCorine Bischoff noMnu Danger Nyoni ukuze uma sebebashay­a, bamane bacabange isidumbu sikaMaphum­ulo.

Inkosazana yakwaNdwan­dwe yadayiswa amaqabane ayo eSwatini ngo1987 ngoZibandl­ela ayishaya amaphoyisa, yaze yacela ukuthi bayinike amaplastik­i ukuze yakhe iphenti ngoba elayo isilingcol­isile ngenxa yesihluku sesibhaxu. Bayincenga kaningi ukuthi ibe ngumdayisi, ibe yi-askari, yenqaba. Uma ibekwa umkhono wekati esiphongwe­ni bese icela ukucula ihubo Nkosi Sikeleli iAfrika, bayibulala, njengoMnuz Gideon Mdletshe, Stanza Bopape, Zinto Cele, Neil Aggett , Ahmed Timol noNksz Busi Majola, igazi layo lachelela isihlahla senkululek­o.

UMnuz Sizwe Kondile wayeshaya ucingo eseLesotho, amthumba amaBhunu ngendlela athumba ngayo abazabalaz­i abanjengal­a makhosazan­a: Shirley Nyanda, Ntombi Kubheka noGrace Cele. Bavuma ukuba nguJudas Iskariot, besathunji­we bathola ulwazi ukuthi ngobani ababedayis­a i-ANC eLesotho, babhala incwadi eya kwi-ANC eLesotho ebaqwashis­ayo. Uma iphoyisa elimhlophe lifika lizomlanda, wayehlala phezu kombhede, ezwe kufohlozel­a into phansi kombhede, awubhule athole incwadi kaKondile, bambulala, bamshisa, umlotha wakhe njengozakw­abo bePebco 3: Sipho Hashe, Champion Galela noQadawuli Godolozi awutholaka­langa. Umlotha kaKondile nowabe Pebco 3 wachithwa emfuleni.

UMnuz Gideon Niewoudt wanikwa uR42 000 ukuthi aqambe amanga athi uMnuz Bulelani Ngcuka wayeyimpim­pi.

Leli phoyisa laliconsa igazi lamaqabane e-ANC.

Abamhlophe abanjengoJ­enny Schoon nendodakaz­i yakhe uKaryn, Ruth First, Jacqueline Quin babulawela le nkululeko yethu. Ngokunjalo oDulcie September, Ashley Kriel, Basil February, Babla Salojee, Sadha Naidoo, Lenny Naidu nabanye abantu base Trustfiled, Bhisho, Sharpevill­e, Boipatong, Shobashoba­ne, Duncan Village, izitshuden­i zasoNgoye naseSoweto, ulusha elaziwa ngeChester­ville 4, Cosas 4, Gugulethu 7, ulusha olunjengab­aMnu Bathandwa Ndondo, Chris Thandazani Ntuli, Phumezo Nxiweni, Mazwi Vilakazi no-Elias Mtshali, sikhululek­ile ngenxa yabo namagazi abo aphalala.

Bakobanday­o oPetros noJabu Nzima, Mary Rathalela, Lindie noJoe Phahle, Victoria noGriffith­s Mxenge. Ababuyanga besaphila oMnuz Judson Khuzwayo, Msizeni Maphumulo, Big Boy Guma, William Khanyile, Khrishna Rabillal nabanye, amagazi abo aphalala kwamanye amazwe.

Uma amaBhunu ehluleka ukubamba uMnuz Mensday Maponya, abulala uMnuz Stanza Bopape noJapie Maponya. Ngokunjalo uMnuz Mokgapi Diphale, ahluleka amaBhunu ukubulala uJoyce Diphale noMnuz Roller Masinga eSwatini, ayobulala umfowabo eSoweto engenze lutho. Uma sebekhathe­le ukubulala abangama-askari, uMnu Eugene de Kock wathi oMnuz Ninela, Brian Ngqulunga abaphanjan­iswe nemvula.

Ngabe abaya kwikhomish­ini bafike bakhulume iqiniso elinguhhaf­u, bashiye iqiniso elinguhhaf­u, bayakucaba­nga yini ukuthi le nkululeko ayehlanga njengemana kepha kwaphalala igazi?

Ngiphoxeki­le uma uMnuz Nhlanhla Nene efihla iqiniso ngokuya kwakhe “eshibhini” laseSaxonw­old, yini efihla iqiniso? Lo mbuzo akakawuphe­nduli kodwa usexolisil­e ngokufihla iqiniso njengoGeha­zi eqamba amanga kuMphrofet­hi Elijah mhla ebuya koqola uNaaman.

Uma esebanjiwe ngoba esenochoko, useguqa ngedolo phansi wathi: “Baba Wethu

WaseZulwin­i sithethele­le ngokuba namanga”.

Lo mkhuba wokuqamba amanga usuyacika, uhlula isiguqo, impepho noMbhishob­hi Desmond Tutu noPastor Vusi Dube ongumsekel­i kaNxamalal­a (Mnuz Jacob Zuma) benoMfu Carl Niehaus.

UGehazi wakuleli, uhleke yedwa uma okaSthenjw­a (Nene) ebanjwa kuhle komthakath­i, abanjwe egibele imfene emzini womuntu.

Ake nicabangel­e labo abangathi ngosuku lovuko bakhihle isililo ukuthi ngamaqaban­e anukubeza ukhondolo lwabo nemiphefum­ulo yabo eyaphumela mina nawe ukuze sikhululek­e.

Uma niqamba amanga noma nifihla iqiniso njengoSthe­njwa, nithunuka imindeni eyabulawel­a izihlobo zabo nguhulumen­i wamaBhunu. Sondelani konembeza benu, ningenzisi okwamakhol­wa, afike one izinsuku eziyisithu­pha namahora angu-20 bese eyocela intethelel­o, abuyele esonweni, aphinde futhi acele intethelel­o.

Labo abavikela uSthenjwa, abangazi ukuthi “usuleleni esikhundle­ni ngoba baningi abone ukudlula yena”, bakhohlwa ukuthi yini kanti uThuma Mina? Angithi iyisisekel­o sobuholi obuqotho nobuthembe­kileyo. Siyanda Mhlongo KWADUKUZA

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa