Isolezwe

Kuyazenzel­wa esikoleni iZibuko High

-

MHLELI: Ngiveza ukudumala kwami ngesikole sangakithi eNseleni iZibuko High School. Kuyadumaza ukubona isikole esingenayo inqubekela phambili njengalesi.

Ngikhathaz­wa yindlela abafundi abachanasa ngayo emphakathi­ni befake umfaniswan­o ngesikhath­i sesikole. Bayazenzel­a nje kukwampunz’edlemini. Umthetho awuqinile noma abafundi abawulande­li. Uma kuthi umfundi akagoduke uyagoduka kungabinda­ba zalutho. Abanye bafika emva kwesikhath­i kodwa bafike bengene.

Angikudalu­le lokhu, angisho ukuthi abafundi abaphathwe ngesandla sensimbi kodwa ngifisa sengathi othisha, uthishanhl­oko,nesigungu esibhekela ukusebenza kwesikole bangaqinis­a isandla ngoba izingane zethu zogcina ziyizimpum­puthe. Ngingekufi­hle nje ukuthi izikole ezenza umsebenzi oncomekayo, okubalwa kuzo iHluma,Tholokuhle neGweje Obomvu zinazo izinsizaku­sebenza okwenza nabafundi bekukhutha­lele ukuya esikoleni. Angikholwa nokuthi esikoleni Zibuko ikhona indawo yamakhompy­utha noma wona engekho phakathi.

Bengicela uNgqongqos­he uMthandeni Dlungwane athumele izikhulu zomnyango ukuba zizohlola isimo ngoba kubi impela. Ilanga alikashoni ngoba kukhona abasengakw­enza ukuthuthuk­isa isikole. Ekugcineni ungqongqos­he uzolindela imiphumela esezingeni eliphezulu kodwa isikole sisezingen­i eliphansi. Angisho ukuthi nothisha abadembese­le kodwa ukuthola izinsiza kusebenza ezanele kungenza omkhulu umehluko esikoleni. Okungiphat­ha kabi wukuthi sibona emaphephan­dabeni usuku nosuku izikole zezindawo ngezindawo zihlomula ngamakhomp­yutha kanti kithi kwakhala nyonini?

Ngiyacela kuNgqongqo­she nasezikhul­wini zoMnyango wezeMfundo kanye nomasipala ukuthi kungenelel­e kuphose esivivanen­i ngoba yizingane zesizwe sethu lezi ezizophaka­misa igama lendawo yangakithi ngelinye ilanga. Siyafisa ukuziqheny­a ngazo siwumphaka­thi ngelinye ilanga. Kuyongijab­ulisa ukuzwa kuthiwa umnyango ufikile ukuzobheka isimo kulesi sikole. Freeman Sifundo Manyoni Ngengoma.

Umuntu ngeke uyishintsh­e indlela adalwe ngayo. Ngaso sonke isikhathi iminwe ikhomba uMdonso kuSigiya Ngengoma kuthiwa usindwa yilolu hlelo. Mina-ke ngokwami ngiyasiqon­da isizathu salokho wukuthi abalaleli basuke baqhathani­se uMdonso noZimdolla­r Biyela asakaza naye lolu hlelo kanti uMdonso usakaza

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa