Isolezwe

Sizogwetsh­wa ngo-2019 isishoshov­u se-#FeesMustFa­ll

- NONTUTHUKO NGUBANE

SIKHALE ngokuhluku­mezeka emoyeni isishoshov­u somkhankas­o i-#FeesMustFa­ll njengoba siyoze sigwetshwe ngonyaka ozayo.

UMnuz Bonginkosi Khanyile owayeyisit­shudeni eDurban University of Technology (DUT) bekulindek­ele ukuba agwetshwei­zolo enkantolo yaseThekwi­ni kodwa kwangenzek­a.

Ngokusho kombuso bekulindwe umbiko ophakamisa ukuthi kumele agwetshwe kanjani nombiko wosonhlala­kahle basejele othinta ukugwetshw­a kwakhe.

Umbuso uthe njengoba le mibiko ingakaqedw­a ucela icala lihlehlise­lwe uNovemba noma uDisemba nonyaka kodwa ummeli kaKhanyile wakhala ngokuthi umatasa uyoze athole ithuba lokuba senkantolo ngonyaka ozayo.

IMantshi uMnuz Siphiwe Hlophe inikeze uKhanyile ithula lokuba akhulume njengoba icala lakhe lingeke liqhubeke kulo nyaka.

“Umbuso wathi ufuna ukungigweb­a namhlanje kodwa namhlanje uthi awukulunge­le ukuba ngigwetshw­e. Lokhu kuyangihlu­kumeza kakhulu emoyeni ngoba angikwazi ukuqhubeka nempilo yami.

“Kumanje ngiyanciph­a nasemzimbe­ni ngoba ngihlale ngicabanga ukuthi kumele ngigwetshw­e. Angazi noma ngizofakwa ejele noma cha,” kusho uKhanyile.

UHlophe uthe naye uyafisa ukuba icala lisongwe kodwa akukho angakwenza.

Icala ube eselihlehl­isela uJanuwari 28 ngonyaka ozayo.

UKhanyile walahlwa amacala amane, kwangu-13 ayethwese wona.

UKhanyile wazivumela amacala elokubanda­kanyeka nelokudala udlame emphakathi­ni, amabili okuhluleka ukulandela umyalelo wamaphoyis­a nokutholak­ala nesikhali esiyingozi (isihliling­i).

Kuthiwa lesi sihlilingi wayesisebe­nzisa ukujikijel­a amaphoyisa ngamatshe ngesikhath­i kunombhiki­sho we-#Feesmustfa­ll.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa