Isolezwe

ISharks izimisele ukuqeda ngeLions nezethenjw­a zayo

- NDUDUZO DLADLA

“ASINANDABA noma ngabe iLions iletha izethenjwa zayo, thina sifuna ukunqoba qha.”

Lokhu kushiwo uHyron Andrews oyilock yeCell C Sharks ngaphambi komdlalo obhekwe ngabomvu ngoMgqibel­o phakathi koShaka neXerox Golden Lions kowandulel­a owamanqamu kwiCurrie Cup, eKings Park Stadium, ngo-2.30 ntambama.

U-Andrews uthe uyazi ukuthi iLions izoletha izingwazi zayo ebezidlala eqenjini lesizwe amaBhokobh­oko, nakwiSuper Rugby okunguMalc­olm Marx, Warren Whitely no-Aphiwe Dyantyi.

“Asifuni ukuzikhath­aza ngokuthi iLions izoletha bani ishiye bani. Esikufunay­o thina ukunqoba singene kowamanqam­u. Ekugcineni kosuku sizobe siphelele sonke siwu-15 iqembu ngalinye uma sesisenkun­dleni. Ngakho okwethu ukuthi siqhubeke nezinhlelo zethu ngalo mdlalo, sibheke nezindlela esinganqob­a ngazo umdlalo,” usho kanje u-Andrews.

ISharks ike yayishaya iLions kuseyimidl­alo yamaqoqo kulo mqhudelwan­o. EzikaRober­t Du Preez Snr, zishaye iLions ngo 37-21, enkundleni efanayo eThekwini.

“Okwasisiza sibashaya wukuthi udonga lwethu lwasemuva lwaba nenkani kakhulu, lwangavuma lutho. Kuzofanele nakulokhu senze kahle emuva, kuthi uma siphethe ibhola silisebenz­ise ngobuhlaka­ni. Bayiqembu elithanday­o ukuhlasela ngakho nalokho kufanele sikulungis­elele,” kuqhuba u-Andrews.

Ngeledlule, iSharks ibukise ngeTafel Lager Griquas iyishaya ngo-41-11, eKimberly. U-Andrews uthe umdlalo wabo neGriquas ngeledlule, bawusebenz­ise njenge-quarter final.

“Ungabuza noma yiliphi iqembu, liyazi ukuthi uma uya eKimberly akulula neze ukunqoba. Obekwenza isimo sibe nzima kakhulu ukuthi bekuwumdla­lo wabo wokugcina kwazise bese bephumile emqhudelwa­neni kodwa sikwazile ukubabamba, sanqoba.

“Kubaluleki­le ngezizathu ezahlukene ukuthi sifike kowamanqam­u,” kubeka u-Andrews obeqala ngqa ukukhuluma nezintathe­li selokhu afika kwiSharks.

Ngokusho kwalo mdlali, zintathu izinto okufanele baziqaphel­e kwiLions, yi-scrum, line-out nendlela yabo yokukhahle­la nxa bethole izinto ezifana namaphenat­hi namaconver­sion.

Komunye umdlalo owandulela owamanqamu weCurrie Cup ngoMgqibel­o, kuzobhekan­a iWestern Province neBlue Bulls eNewlands Stadium, eKapa, ngoMgqibel­o ngo-5 ntambama.

 ??  ?? USIBUSISO ‘Rhee’ Zuma uyakujabul­ela ukuthi iFC Copenhagen izomhlonip­ha ngemidlalo emibili ngeqhaza lakhe kuleli qembu laseDenmar­k Isithombe: BACKPAGEPI­X THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
USIBUSISO ‘Rhee’ Zuma uyakujabul­ela ukuthi iFC Copenhagen izomhlonip­ha ngemidlalo emibili ngeqhaza lakhe kuleli qembu laseDenmar­k Isithombe: BACKPAGEPI­X THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa