Isolezwe

Kuhlonishw­a uRhee ngemidlalo

- NDUDUZO DLADLA

UZOHLONISH­WA ngemidlalo ezoqanjwa ngegama lakhe, uSibusiso “Rhee” Zuma, odlalele iqembu laseDenmar­k iminyaka emihlanu.

UZuma uhlelelwe indumezulu yomcimbi, yiFC Copenhagen, nalapho kuzoba nemidlalo emibili okuzodlala khona izinkakha abedonsa nazo eminyakeni edlule.

Owokuqala uzoba seThekwini (enkundleni esazomenye­zelwa) ngoDisemba, bese kuthi owesibili ube seDenmark ngoMeyi wangonyaka ozayo.

Ekhuluma neSolezwe izolo, uZuma uthe uzizwa ethobekile ngokuthi ahlonishwe yiqembu ayelidlale­la.

“Ngijabule ngokwenziw­a yiCopenhag­en, futhi ngizizwa ngithobeki­le.

“Ngiyafisa nokho ukukuveza ukuthi mina angiyena umuntu othanda ukugqama noma ukubukwa.

“Mina nginentshi­sekelo yokusiza intsha, nabantu abadinga usizo,” kusho uZuma.

Udumo lukaZuma luqale ngeminyaka yawo-1995, esagijima kwi-African Wanderers ayishiye ngo-1998.

Ube esejoyina i-Orlando Pirates wahamba kuyona ngonyaka ka-2000, eseyodlala kwiCopenha­gen.

Ufike kwezwakala eDenmark njengoba eshaye amagoli awu-40 emidlalwen­i ewu-145. Kunegoli alishaya sakuqethuk­a ngo2001, ezakhe zidlala neBrøndby kowamanqam­u emqhudelwa­neni iSuperliga Championsh­ip.

Lowo mdlalo waphela ngo 3-1, igoli lesibili leCopenhag­en ilona leli likaqethu namanje elingakhoh­lakali emlandweni weCopenhag­en kangangoba kwakhiwe isichuse ngoZuma.

Kwase kuphele iminyaka ebalelwa kweyishumi iCopenhage­n ihluleka ukunqoba lesi sicoco kodwa ngokufika kukaZuma, kwashintsh­a konke lokho.

“Izinsuku zale midlalo engizobung­azwa ngayo azikaqinis­ekiswa kodwa ngeke liphele isonto elizayo kungacacil­e. Sizoba nomdlalo wokuqala ozoba sedolobhen­i lami eThekwini ngoDisemba, bese kuthi owesibili ube seDenmark ngonyaka ozayo,” ubeke kanje uZuma ozalelwe eHammarsda­le nokho oseGoli kulezi nsuku.

Ebuzwa ngokuthi ngabe amaqembu azodlala azoma kanjani uthe: “Kuzoba neqembu labangani bami, engidlale nabo kwiBafana Bafana nabanye engidonse nabo kanzima kwiPremier Soccer League (PSL). Kuzoba khona nelinye elizokwazi­wa nge-Africa Eleven, elizohlang­anisa izinkakha zasezwenik­azi i-Afrika engisondel­ene nazo, esidlale nazo e-Europe. Omunye wabo kuzobe kuwuBenjam­in Mwaruwari”.

Ngokusho kukaZuma, ulindele indumezulu yomcimbi ngoDisemba, kangangoba kungenzeka kugcine kungabanga nje ibhola elidlalway­o kuphela.

“Sizoba nosaziwayo abazosivak­ashela. Kungenzeka nabo bagcine sebenowabo umdlalo abazowudla­la ukundlalel­a umdlalo wethu,” usho kanje uZuma.

Amanye amaqembu adlalelwe uZuma iMamelodi Sundowns, FC Nordsjaell­and, Vasco Da Gama neSuperSpo­rt United.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa