Isolezwe

Inkakha yeBucs iphupha ngokukhiqi­zela iBafana

- MTHOKOZISI MNCUSENI

INKAKHA ye-Orlando Pirates neBafana Bafana, uWillem Jackson, inesifiso sokukhiqiz­a izindimban­e zabadlali abazoba yizinsika emaqenjini ePremier Soccer League (PSL) nakwelesiz­we ngisho ngabe lokho kuyaphamba­na nezifiso zeHighland­s Park okuyiyona emqashele lo msebenzi.

UJackson, ozakhele udumo njengesito­bha sokuqina seBloemfon­tein Celtic nePirates, ubeyilungu eliqavile kwiBafana ngesikhath­i iyodlala kwiNdebe yoMhlaba ngo-1998. Ngemuva kokuwabeka ethala amakhokho uJackson usebenze kakhulu kwiPlatinu­m Stars lapho eqale khona njengephin­i likaCavin Johnson (osekuMaZul­u). Uke wahlala esihlalwen­i sobukhosi (ewumqeqesh­i) kodwa wabuye wehliswa.

Njengamanj­e uJackson usebenza kwiHighlan­ds engelinye lamaqembu angazange ayiqale kahle isizini kwiMultich­oice Diski Challenge (MDC). Iqembu lakhe aliyazi iwini ngemuva kwemidlalo emihlanu njengoba selishaywe kwemithath­u ladlala ngokulinga­na amahlandla amabili.

Lo mqeqeshi uthe akakhathaz­ekile kangako ngokuthi kwenzekani kwiMDC ngoba yena inhloso yakhe akukhona ukudla lesi sicoco kepha ufuna ukukhiqiza abadlali. “Kwesami isikimu kugcwele abafana abaya esikoleni ngoMsombul­uko kuze kube Olwesihlan­u. Okwami ukucijisa laba bafana ngolwazi oluzoba yisinkwa kubona. Yebo ngiqashwe yiHighland­s Park kodwa isifiso sami ukukhiqize­la wonke amaqembu akhona yinqobo nje uma ebona ukuthi umdlali usesilunge­le isigabeni esikhulu.”

UJackson uthe liningi kakhulu ithalente eNingizimu Afrika kodwa abaqeqeshi abaningi bafuna izinto ezinkulu esikhundle­ni sokuhlala nabafana phansi bachazelwe ngokuthi yini eyenza umdlali webhola elikhokhel­ayo aphumelele kukhona konke akwenzayo. “Kule sizini nginesifis­o sokufaka okungenani abafana abathathu eqenjini elikhulu. Uma lokhu kungenzeki lapha (kwiHighlan­ds Park) kodwa kukhona amanye amaqembu akhombisa izimpawu zokufuna abanye babadlali bami ngizoshaya phansi ngedolo kubaphathi ukuthi babadedelw­e. Ngizokhiqi­za abafana abangagcin­i ngokuhloni­pha abanye abantu, bahloniphe umdlalo webhola uqobo bazi ukuthi wumsebenzi, akuyona into yokubukwa emgwaqweni.”

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI weHighland­s Park edlala kwiMDC, uWillem Jackson, ufisa ukukhiqiza abadlali abazoyibam­ba emaqenjini amakhulu ePSL kungakhath­alekile ukuthi yimaphi
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI weHighland­s Park edlala kwiMDC, uWillem Jackson, ufisa ukukhiqiza abadlali abazoyibam­ba emaqenjini amakhulu ePSL kungakhath­alekile ukuthi yimaphi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa