Amakhosi anengcindezi koweLeopards
isidingo sokuzithambisa emidlalweni yemikhumulajezi. Yimina okwazi kahle lokhu ngoba ngisidlile lesi sicoco ngo-2012. Kungakuhle kabi uma ungase iziphinde umlando. Ngiyazi kufunekani ukuze udle lesi sicoco ngakho-ke ngizokwenza konke okusemandleni ukukufaka ezingqondweni zabadlali bami lokhu. Sinesikhathi esanele ukuhlelela lo mdlalo weBaroka ngakho-ke ngeke sibe khona isikhala sokucasha ngesithupha uma sihlulekile,” kusho lo mqeqeshi.
Kusukela i-Arrows idle iMTN 8 ngo-2009 indlala yezinkomishi emaqenjini aseKZN ilokhu iqhubeke njalo njengoba iMaritzburg United ishaywe yiFree State Stars kwiNedbank ngesizini edlule ekubeni AmaZulu akhale ngaphansi kwiBidvest Wits emqhudelwaneni ofanayo (Nedbank) ngo-2010. UYIPHONSA kwiKaizer Chiefs ingcindezi yokunqoba umqeqeshi weBlack Leopards, uJoel Masutha, ezakhe ezizodudulana naleli qembu laseSoweto ngempelasonto emdlalweni weLast 16 yeTelkom Knockout.
IChiefs izokwamukela iLeopards eFNB Stadium ngeSonto ngo-3.30 ntambama.
Lo mqhudelwano ungelinye ithuba laMakhosi lokulwela ukujabulisa abalandeli ngendebe osekuphele amasizini amathathu bengayazi injabulo. Kule sizini iChiefs iphume kuma-semi final kwiMTN 8.
“Siyodlala neChiefs eFNB okusho ukuthi kuzofana nokuqwala intaba kithina kodwake asinayo ingcindezi. YiChiefs okubhekwe ukuthi inqobe ngayo yonke indlela. Thina nje wukuthi siyodlala ibhola lethu kodwa sizobe singakubekile eceleni ukuthi sinalo ithuba lokuthi sibehlule,” kusho uMasutha.
“Uma singena enkundleni kuzobe kungabadlali abawu11 zinhlangothi zombilli. Engikuthandayo ngale midlalo wukuthi bonke abadlali basuke bewubheke ngabomvu umdlalo. Yebo iChiefs iyiqembu elikhulu ngokomlando kodwa ngokomdlalo sizobe silingana enkundleni. Engikufunayo wukuthi abadlali bami bawujabulele umdlalo.”
ILidoda Duvha isinemidlalo eyisishiyagalombili kwiligi. Inqobe emibili, yadlala ngokulingana kwemibili, yashaywa kwemine.
UMasutha uthe yize engagculisekile kodwa uyalibona liya ngokujwayela iqembu lakhe esigabeni esikhulu.
ILeopards ibigijima kwiNational First Division ngesizini edlule.
“Ngingathi yebo noma cha (ekutheni iqembu liyajwayela). Angijabule ngendlela esidlale ngayo neSuperSport nePirates ne-Arrows kodwa ngeneme ngeminye imidlalo yize singazange siyinqobe. Into ebingikhathaza wudonga lwethu ngenxa yokulimala kodwa okungijabulisayo wukuthi manje sebeluleme abadlali bami,” kusho uMasutha
Abadlali akhuluma ngabo uJean Muganga noThivhavhudzi Ndou akholwa wukuthi kuzoqinisa udonga lwakhe. IChiefs yagcina ukunqoba iTelkom Knockout ngo2010 ishaya i-Orlando Pirates ngo 3-0 kowamanqamu.
Kusukela lapho ibuke amanye amaqembu ejabulela ukuba ngompetha bale ndebe, okukhona amaBhakabhaka, Bloemfontein Celtic, Platinum Stars, Mamelodi Sundowns, Cape Town City neBidvest Wits enqobe ngesizini edlule.