Isolezwe

Kuzoshukan­a obhululu kowePirate­s neChippa

- MTHOKOZISI MNCUSENI

ISIKHWISHI­KHWISHI seChippa United, uThabo Rakhale, nomqeqeshi waso, u-Eric Tinkler, abanomland­o ne-Orlando Pirates bavumelana ngokuthi okuningi kuzobe sekuhlange­ne uma sebebheken­e naleli qembu.

La maqembu azitholana phezululu kowe-Last 16 yeTelkom Knockout ngoMgqibel­o ngo-6 ntambama, e-Orlando Stadium.

I-Pirates izokwamuke­la iChilli Boys ebophele abadlali abaningi abanomland­o kwiBucs. Lapha kukhona uDaine Klate, odle inqwaba yezicoco, kanti ibophele noMark Mayambela naye oke wadlala kuleli qembu eminyakeni edlule. Nakuyona iBucs abadlali abafana noDiamond Thopola noPaseka Mako bake bagijima kwiChippa.

UTinkler uthathe umsebenzi wokucija iChippa kuDan Malesela ngo-Agasti. Kusukela ethathe lo msebenzi ukhala ngokuthi abadlali bakhe abakangeni khaxa esitayelen­i sakhe kodwa njengoba besebenza nsuku zonke ngenxa yokuma kweyeligi ngoba kudlala imidlalo yeFifa, lo mqeqeshi uthe konke kuzobe sekumi ngomumo ngoMgqibel­o.

“Kuliqiniso ukuthi bengimelwe ukuguqula izinto eziningi ngesikhath­i ngithatha iqembu ngakho-ke kufanele nginikwe kahle ithuba. Abadlali engibafici­le bahle kodwa bekusamele ngihlale nabo phansi ngibafake umqondo wami ngendlela engifuna sidlale ngayo. Kuyashesha-ke nokho ngasendlel­eni yokudlala osekusele ukuthi sibe yimiqemane ngokwanele,” kusho uTinkler. Lokhu kunanelwe uRakhale, othe ukusebenza kwakhe noTinkler esikhathin­i esedlule kumenza azizwe ephoqeleki­le ukusiza ozakwabo ukuthi babambe amaqhinga alo mqeqeshi. UTinkler useke wasebenza kwiCape Town City nakwiSuper­Sport United ngemuva kokusuka kwiPirates.

“Konke kuyahlanga­na impela ngoba nakweyesih­le sekuyabona­kala lapho uTinkler afuna sifinyelel­e khona ngendlela yokudlala. Engikuqaph­elile ukuthi ozakwethu bebenenkin­ga yokuzwa umqeqeshi ngase ngikwenza umsebenzi wami ukuthi ngisize lapho ngikwazi khona ngoba lokho kuzokwenza iqembu libe ngcono. Ngijabule kakhulu ngesikwenz­a njengoba kuvaliwe nje futhi nginethemb­a lokuthi sizofika kwiPirates sekuhlange­ne okuningi ebesilokhu sikuzama njengoba imidlalo yeligi isamile,” usho kanje uRakhale.

Kulindelek­e ukuthi iPirates iwuthwale lo mdlalo kwazise idlalela ekhaya kanti nefomu yayo kweyeligi ayiyimbi kangako uma uyiqhathan­isa neyezivaka­shi. Abanye abadlali abazobe bekhona kulo mdlalo asebeke bawadlalel­a womabili la maqembu singabala kubona uJames Okwuosa, Abel Mabaso, Linda Mntambo, Thamsanqa Sangweni noPhetso Maphanga.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UTHABO Rakhale weChippa United angase abe yingozi kwi-Orlando Pirates abazobheka­na nayo kwiTelkom Knockout Last 16 e-Orlando Stadium, ngoMgqibel­o ngo-6 ntambama
Isithombe: BACKPAGEPI­X UTHABO Rakhale weChippa United angase abe yingozi kwi-Orlando Pirates abazobheka­na nayo kwiTelkom Knockout Last 16 e-Orlando Stadium, ngoMgqibel­o ngo-6 ntambama
 ??  ?? UJOEL MASUTHA
UJOEL MASUTHA
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa