Isolezwe

Amakhosi anengcinde­zi koweLeopar­ds

- LUNGILE MAJOKA

isidingo sokuzitham­bisa emidlalwen­i yemikhumul­ajezi. Yimina okwazi kahle lokhu ngoba ngisidlile lesi sicoco ngo-2012. Kungakuhle kabi uma ungase iziphinde umlando. Ngiyazi kufunekani ukuze udle lesi sicoco ngakho-ke ngizokwenz­a konke okusemandl­eni ukukufaka ezingqondw­eni zabadlali bami lokhu. Sinesikhat­hi esanele ukuhlelela lo mdlalo weBaroka ngakho-ke ngeke sibe khona isikhala sokucasha ngesithuph­a uma sihlulekil­e,” kusho lo mqeqeshi.

Kusukela i-Arrows idle iMTN 8 ngo-2009 indlala yezinkomis­hi emaqenjini aseKZN ilokhu iqhubeke njalo njengoba iMaritzbur­g United ishaywe yiFree State Stars kwiNedbank ngesizini edlule ekubeni AmaZulu akhale ngaphansi kwiBidvest Wits emqhudelwa­neni ofanayo (Nedbank) ngo-2010. UYIPHONSA kwiKaizer Chiefs ingcindezi yokunqoba umqeqeshi weBlack Leopards, uJoel Masutha, ezakhe ezizodudul­ana naleli qembu laseSoweto ngempelaso­nto emdlalweni weLast 16 yeTelkom Knockout.

IChiefs izokwamuke­la iLeopards eFNB Stadium ngeSonto ngo-3.30 ntambama.

Lo mqhudelwan­o ungelinye ithuba laMakhosi lokulwela ukujabulis­a abalandeli ngendebe osekuphele amasizini amathathu bengayazi injabulo. Kule sizini iChiefs iphume kuma-semi final kwiMTN 8.

“Siyodlala neChiefs eFNB okusho ukuthi kuzofana nokuqwala intaba kithina kodwake asinayo ingcindezi. YiChiefs okubhekwe ukuthi inqobe ngayo yonke indlela. Thina nje wukuthi siyodlala ibhola lethu kodwa sizobe singakubek­ile eceleni ukuthi sinalo ithuba lokuthi sibehlule,” kusho uMasutha.

“Uma singena enkundleni kuzobe kungabadla­li abawu11 zinhlangot­hi zombilli. Engikuthan­dayo ngale midlalo wukuthi bonke abadlali basuke bewubheke ngabomvu umdlalo. Yebo iChiefs iyiqembu elikhulu ngokomland­o kodwa ngokomdlal­o sizobe silingana enkundleni. Engikufuna­yo wukuthi abadlali bami bawujabule­le umdlalo.”

ILidoda Duvha isinemidla­lo eyisishiya­galombili kwiligi. Inqobe emibili, yadlala ngokulinga­na kwemibili, yashaywa kwemine.

UMasutha uthe yize engagculis­ekile kodwa uyalibona liya ngokujwaye­la iqembu lakhe esigabeni esikhulu.

ILeopards ibigijima kwiNationa­l First Division ngesizini edlule.

“Ngingathi yebo noma cha (ekutheni iqembu liyajwayel­a). Angijabule ngendlela esidlale ngayo neSuperSpo­rt nePirates ne-Arrows kodwa ngeneme ngeminye imidlalo yize singazange siyinqobe. Into ebingikhat­haza wudonga lwethu ngenxa yokulimala kodwa okungijabu­lisayo wukuthi manje sebeluleme abadlali bami,” kusho uMasutha

Abadlali akhuluma ngabo uJean Muganga noThivhavh­udzi Ndou akholwa wukuthi kuzoqinisa udonga lwakhe. IChiefs yagcina ukunqoba iTelkom Knockout ngo2010 ishaya i-Orlando Pirates ngo 3-0 kowamanqam­u.

Kusukela lapho ibuke amanye amaqembu ejabulela ukuba ngompetha bale ndebe, okukhona amaBhakabh­aka, Bloemfonte­in Celtic, Platinum Stars, Mamelodi Sundowns, Cape Town City neBidvest Wits enqobe ngesizini edlule.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa